Wonke amadoda endlu yakhe azalelwe endlini futhi athengwe ngemali kowezizwe asokwa kanye naye.
IzEnzo 18:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 UKrispu induna yesinagoge wakholwa yiNkosi kanye nendlu yakhe yonke; abaningi kwabaseKorinte bezwa bakholwa, babhapathizwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uKrispu umphathi wesinagoge* wakholwa yiNkosi kanye nendlu yakhe yonke, nabaningi babaseKorinte balalela, bakholwa, babhapathizwa. IsiZulu 2020 UKhrisphu, umphathi wesinagoge nabo bonke abendlu yakhe, bakholwa yiNkosi; nabanye abaningi baseKhorinte abalalela, bakholwa, babhabhadiswa. Baasraak Zulu New Testament Bible UKrispu induna yesinagoge wakholwa yiNkosi kanye nendlu yakhe yonke; abaningi kwabaseKorinte bezwa bakholwa, babhapathizwa. |
Wonke amadoda endlu yakhe azalelwe endlini futhi athengwe ngemali kowezizwe asokwa kanye naye.
Ngokuba ngiyamazi, ukuze ayale abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe, bagcine indlela yeNkosi, benze ukulunga nokulunga; ukuze uJehova amehlisele u-Abrahama lokho ekushilo ngaye.
Ngakho hambani nifundise izizwe zonke, nibabhapathize egameni likaYise, neleNdodana, nelikaMoya oNgcwele;
Bheka, kwafika omunye wabaphathi besinagoge, nguJayiru igama lakhe; kwathi embona wawa ngasezinyaweni zakhe.
Esakhuluma, kwafika abanye bendlu yomphathi wesinagoge, bathi: “Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na?
umuntu okholwayo nowesaba uNkulunkulu kanye nendlu yakhe yonke, abela abantu abampofu izipho eziningi, ekhuleka kuNkulunkulu njalonjalo.
Kwathi sekufundiwe umlayo labaprofethi, abaphathi besinagoge bathumela kubo, besithi: Madoda, bazalwane, uba lilolizwi lokukhuthaza abantu, khulumani.
Wabangenisa endlini yakhe, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa nguNkulunkulu.
Khona wonke amaGreki ambamba uSostene induna yesinagoge, amshaya phambi kwesihlalo sokwahlulela. Kepha uGaliyu akabanga nandaba nalutho lwalezo zinto.
Kepha sebekholwa nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane.
kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababizelwe ukuba ngabangcwele, kanye nabo bonke ezindaweni zonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, eyabo neyethu;
UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte kanye nabangcwele bonke abakulo lonke elase-Akhaya.
Futhi ngibiza uNkulunkulu abe ngufakazi emphefumulweni wami, ukuthi ukuniyeka angikafiki eKorinte.
Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, zikhetheleni namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza; noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo ababephesheya komfula, nonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.