IzEnzo 18:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wafika e-Efesu, wabashiya khona; kepha yena wangena esinagogeni, wakhulumisana nabaJuda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wehlela e-Efesu, wabashiya khona; kepha yena wangena esinagogeni,* washumayela kubaJuda. IsiZulu 2020 Bafika e-Efesu, wayesebashiya lapho; yena wangena esinagogeni, waqophisana nabaJuda. Baasraak Zulu New Testament Bible Wafika e-Efesu, wabashiya khona; kepha yena wangena esinagogeni, wakhulumisana nabaJuda. |
Kodwa wabavalelisa, wathi: “Ngimelwe nakanjani ukugcina lo mkhosi ozayo eJerusalema, kepha ngiyakubuyela kini, uma uNkulunkulu ethanda. Wamuka ngomkhumbi e-Efesu.
Kwasekufika e-Efesu umJuda othile ogama lakhe lingu-Apholo, ngokuzalelwa e-Aleksandriya, indoda ekhulumayo, enamandla emibhalweni.
Lokho kwaziwa yibo bonke abakhileyo e-Efesu abaJuda namaGreki; ukwesaba kwabehlela bonke, ladunyiswa igama leNkosi uJesu.
Futhi niyabona, niyezwa, ukuthi kungesikho e-Efesu kuphela, kodwa cishe kulo lonke elase-Asiya, uPawuli lo udukise abantu abaningi, waphambukisa, wathi abasibo onkulunkulu abenziwe ngezandla;
Sebezwile lawa mazwi bagcwala ulaka, bamemeza bathi: “Mkhulu uDiyana wabase-Efesu!
Kwathi umabhalane esezithulisile izixuku, wathi: Madoda ase-Efesu, ngumuphi umuntu ongazi ukuthi umuzi wabase-Efesu ungumkhulekeli kankulunkulukazi omkhulu uDiyana nowesithombe esawa kuJupiter?
Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi, ukuze angalibali isikhathi e-Asiya;
(Ngokuba babebone ngaphambili uTrofimu wase-Efesu enaye emzini, ababecabanga ukuthi uPawulu umngenise ethempelini.)
Uma ngokwabantu ngalwa nezilo e-Efesu, ngiyakungisizani, uma abafileyo bengavuki na? masidle, siphuze; ngoba kusasa sizakufa.
UPawulu, umphostoli kaJesu Kristu ngentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwayo kuKristu Jesu:
Njengalokhu ngakuncenga ukuthi uhlale e-Efesu, ekungeneni kwami eMakedoniya, ukuze uyale abanye ukuthi bangafundisi enye imfundiso;
INkosi mayimnike ukuba athole umusa eNkosini ngalolo suku, nokuthi zingaki izinto angikhonza ngazo e-Efesu, uyakwazi wena kahle.
esithi: Mina nginguAlfa loOmega, owokuqala lowokuphela; e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamo, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.
Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide;