Izindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho lithi: Nansi indlela, hambani ngayo, lapho niphambuka ngakwesokunene, nalapho niphambuka ngakwesokhohlo.
IzEnzo 16:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Sebedabule izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulishumayela izwi e-Asiya; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bedabula izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulikhuluma izwi e-Asiya; IsiZulu 2020 Badabula eFrigiya naseGalathiya, kodwa uMoya oNgcwele wabanqabela ukukhuluma izwi e-Asiya. Baasraak Zulu New Testament Bible Sebedabule izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulishumayela izwi e-Asiya; |
Izindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho lithi: Nansi indlela, hambani ngayo, lapho niphambuka ngakwesokunene, nalapho niphambuka ngakwesokhohlo.
njengalokho basinikela bona, ababengofakazi bokuzibonela kwasekuqaleni nezikhonzi zezwi;
UPetru esacabanga ngombono, uMoya wathi kuye: “Bheka, amadoda amathathu ayakufuna.
UMoya wayesethi kimi ngihambe nawo, ngingangabazi ngalutho. Bahamba nami nalaba bazalwane abayisithupha, sangena endlini yalowo muntu;
Esehlale khona isikhathi, wamuka, walidabula ngokulandelana izwe laseGalathiya nelaseFrigiya, eqinisa bonke abafundi.
Lokho kwenzeka iminyaka emibili; kangangokuthi bonke abakhileyo e-Asiya balizwa izwi leNkosi, amaJuda namaGreki.
Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi, ukuze angalibali isikhathi e-Asiya;
Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwelusa ibandla likaNkulunkulu azithengele lona ngegazi lakhe.
Wamphelekezela kwaze kwaba se-Asiya uSopatro waseBereya; nabaseThesalonika, u-Aristarku noSekhundu; noGayu waseDerbe, noThimothewu; nabase-Asiya, oThikhiku noTrofimu.
Kwathi sezizaphela lezonsuku eziyisikhombisa, abaJuda beAsiya, bembona ethempelini, badunga ixuku lonke, bambamba;
Kwasekusukuma abathile besinagoge elithiwa elabaKhululwa, nabaseKhurene, nabase-Aleksandriya, nabavela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefanu;
Khonzani ngokunjalo nebandla elisendlini yabo. Khonzani ku-Ephenetu othandiweyo wami, oyizithelo zokuqala ze-Akhaya kuKristu.
Kepha konke lokho kusebenza yena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokunye ngokuthanda kwakhe.
Maqondana nokuqoqwa kweminikelo yabangcwele, njengalokho ngayala amabandla aseGalathiya, yenzani kanjalo nani.
Amabandla ase-Asiya ayakhonza kini. U-Akwila noPrisila bayakhonza kini kakhulu eNkosini kanye nebandla elisendlini yabo.
Ngokuba asithandi, bazalwane, ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya, ukuthi sasicindezelekile ngaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila.
O nina baseGalathiya abayiziwula, ngubani oniloyile ukuba ningalaleli iqiniso enibekwe obala phambi kwamehlo enu uJesu Kristu ebethelwe esiphambanweni na?
Uyakwazi lokhu, ukuthi bonke abase-Asiya bangifulathele; okukubo ngoFigelu noHermogene.
Ngokuba uDema ungishiyile, ethanda leli zwe lamanje, waya eThesalonika; uKreske eGalathiya, uThithu eDalmatiya.
Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona.
UPetru, umphostoli kaJesu Kristu, kubo abezizwe abahlakazekele ePontu, naseGalathiya, naseKaphadosiya, nase-Asiya, naseBhithiniya,
esithi: Mina nginguAlfa loOmega, owokuqala lowokuphela; e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamo, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.
UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo; nakuMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi;