Zonke lezi zinceku zakho ziyakwehla, zifike kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Hamba wena nabantu bonke abakulandelayo, mina-ke ngiyakusuka. Wasuka kuFaro ngolaka olukhulu.
IzEnzo 16:39 - Contemporary Zulu Bible 2024 Beza babancenga, babakhipha, babacela ukuba baphume emzini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE zeza zabancenga; sezibakhiphile zabanxusa ukuba bamuke emzini. IsiZulu 2020 Sezifikile zabancenga, sezibakhiphile zabanxusa ukuba basuke kulowo muzi. Baasraak Zulu New Testament Bible Beza babancenga, babakhipha, babacela ukuba baphume emzini. |
Zonke lezi zinceku zakho ziyakwehla, zifike kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Hamba wena nabantu bonke abakulandelayo, mina-ke ngiyakusuka. Wasuka kuFaro ngolaka olukhulu.
Usho kanje uJehova, uthi: “Umsebenzi waseGibithe nempahla ethengiswayo yaseKushe neyamaSheba, abantu abade, kuyakufika kuwe, kube okwakho; bayakuza emva kwakho; bayakuza kuwe beboshwe ngamaketanga; bayokuncenga bathi: Ngempela, uNkulunkulu ukuwe; futhi akakho omunye, akakho uNkulunkulu.
Amakhosi ayakuba ngoyise, nezindlovukazi zabo zibe ngonyoko; bayakukhothama phambi kwakho ubuso babo bubheke phansi, bakhothe uthuli ezinyaweni zakho; futhi niyokwazi ukuthi nginguJehova, ngoba abalindele kimi ngeke babe namahloni.
Amadodana abakucindezelayo ayakuza kuwe ekukhothamela; bonke abakudelelayo bayakukhothama phambi kwamathe ezinyawo zakho; bayakukubiza ngokuthi uMuzi kaJehova, iSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.
Khona-ke inkosi yayala, bamletha uDaniyeli, bamphonsa emphandwini wezingonyama. Inkosi yasikhuluma, yathi kuDaniyeli: UNkulunkulu wakho omkhonza njalo, uzakukhulula.
Khona-ke inkosi yajabula kakhulu ngaye, yayala ukuba bamkhiphe uDaniyeli emgodini. UDaniyeli wakhishwa emgodini, akwafunyanwa ububi kuye, ngokuba wayekholwa kuNkulunkulu wakhe.
Bheka, umuzi wonke waphuma ukumhlangabeza uJesu; bathi bembona, bamncenga ukuba amuke emikhawulweni yabo.
Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane, abathi bangamaJuda, bengesiwo, kodwa beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.