IzEnzo 15:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Base bebuthana abaphostoli namalunga ukuba bayihlole leyo ndaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bebuthana abaphostoli namalunga, ukuze bayihlole leyo ndaba. IsiZulu 2020 Abaphostoli namalunga babuthana ukuze baluhlole lolu daba. Baasraak Zulu New Testament Bible Base bebuthana abaphostoli namalunga ukuba bayihlole leyo ndaba. |
Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.
Kwathi ukuphikisana nokuphikisana kukaPawulu noBarnaba okungekuncane nabo, banquma ukuba uPawulu noBarnaba, nabanye kubo, bakhuphukele kubaphostoli namalunga eJerusalema ngalowo mbuzo.
Kwaba kuhle-ke kubaphostoli namalunga kanye nebandla lonke ukuthumela amadoda athile phakathi kwabo e-Antiyokiya kanye noPawulu noBarnaba; okungukuthi uJuda othiwa uBarsaba, noSila, izinduna phakathi kwabazalwane;
Kwaba kuhle kithi sibuthene nganhliziyonye, ukuthuma kini amadoda akhethiweyo kanye labathandekayo bethu uBarnabasi loPawuli;
Sebefikile eJerusalema, bamukelwa libandla labaphostoli labadala, balandisa ngakho konke uNkulunkulu ayekwenzile labo.
Kwathi bedabula imizi, babanika izimiso ezamiswa ngabaphostoli namalunga aseJerusalema ukuba bazigcine.
Abayishumi nambili base bebizela kubo uquqaba lwabafundi, bathi: “Akukuhle ukuba thina sishiye izwi likaNkulunkulu, sikhonze ematafuleni.
Khumbulani abaniholayo, abakhulume izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.