Owesifazane wayengumGreki, engumSirofenike ngokuzalwa; wamncenga ukuba akhiphe idemoni endodakazini yakhe.
IzEnzo 14:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni* labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki. IsiZulu 2020 Kwathi sebese-Ikhoniya bangena esinagogeni sabaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGriki. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki. |
Owesifazane wayengumGreki, engumSirofenike ngokuzalwa; wamncenga ukuba akhiphe idemoni endodakazini yakhe.
Khona abaJuda bakhuluma bodwa, bathi: “Uzakuya ngaphi lo ukuba singamfumani na? Uyakuya kwabahlakazekileyo kwabezizwe, afundise abezizwe na?
Kwathi sekuhlakazekile umhlangano, abaningi kubaJuda namaproselite akholwayo balandela oPawulu noBarnaba, okwathi bekhuluma kubo, babancenga ukuba bahlale emuseni kaNkulunkulu.
Khona oPawulu noBarnaba bakhuluma isibindi, bathi: “Bekufanele ukuba izwi likaNkulunkulu likhulunywe kini kuqala;
Sebefikile eSalami batshumayela ilizwi likaNkulunkulu emasinagogeni abaJuda, njalo babe loJohane wabancedisa.
Kwafika abaJuda bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu, banxenxa izixuku, bamkhanda uPawulu ngamatshe, bamhudulela ngaphandle komuzi, bethi ufile.
Kodwa abaJuda abangakholwayo babhebhethekisa abezizwe, benza izinhliziyo zabo zibe zimbi ngabazalwane.
Kwathi sebeshumayele ivangeli kulowo muzi, sebefundise abaningi, babuyela eListra, nase-Ikoniyu, nase-Antiyokiya;
Khona wafika eDerbe naseListra; bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, uThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane ongumJuda okholiweyo; kepha uyise wayengumGreki.
Ngakho-ke abaningi kubo bakholwa; nabesifazane abahloniphekayo abangamaGreki, namadoda angeyingcosana.
Ngakho waxoxa esinagogeni nabaJuda nabamesabayo, nasesigcawini imihla ngemihla nababehlangana naye.
Abanye kubo bakholwa, bazihlanganisa noPawulu noSila; nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana.
UKrispu induna yesinagoge wakholwa yiNkosi kanye nendlu yakhe yonke; abaningi kwabaseKorinte bezwa bakholwa, babhapathizwa.
Lokho kwenzeka iminyaka emibili; kangangokuthi bonke abakhileyo e-Asiya balizwa izwi leNkosi, amaJuda namaGreki.
Lokho kwaziwa yibo bonke abakhileyo e-Efesu abaJuda namaGreki; ukwesaba kwabehlela bonke, ladunyiswa igama leNkosi uJesu.
Wayesengena esinagogeni, wakhuluma ngesibindi izinyanga ezintathu, ekhuluma eqinisekisa ngombuso kaNkulunkulu.
Bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.
ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu, nokukholwa eNkosini yethu uJesu Kristu.
ememeza esithi: Madoda akwaIsrayeli, sizani! Lona nguye umuntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nabantu, nomthetho, nalendawo, futhi engenisa namaGreki ethempelini, wayingcolisa le ndawo engcwele.
Masinyane washumayela emasinagogeni ngoKristu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu.
Ngokuba anginamahloni ngevangeli likaKristu, ngokuba lingamandla kaNkulunkulu kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo; kumJuda kuqala, nakumGreki futhi.
Ngokuba akukho mehluko phakathi komJuda nomGreki, ngokuba iNkosi eyodwa phezu kwabo bonke inothile kubo bonke abakhuleka kuyo.
Akakho umJuda namGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.
lapho kungekho khona umGreki nomJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe, umSkithe, isigqila noma okhululekile, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.
Ukushushiswa, nezinhlupheko, eza kimi e-Antiyokiya, e-Ikoniyu, eListra; ukuzingelwa okungaka ngakubekezelela, kepha iNkosi yangikhulula kukho konke.