Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.
IzEnzo 13:44 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngesabatha elilandelayo kwabuthana cishe umuzi wonke ukuzwa izwi likaNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngesabatha elilandelayo kwabuthana kucishe umuzi wonke ukuzwa izwi likaNkulunkulu. IsiZulu 2020 NgeSabatha elilandelayo, kwabuthana cishe bonke abavela emzini ukuba bazokuzwa izwi likaNkulunkulu. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngesabatha elilandelayo kwabuthana cishe umuzi wonke ukuzwa izwi likaNkulunkulu. |
Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.
Abantu bakho bayakuvuma ngosuku lwamandla akho, ebuhleni bobungcwele kwasesizalweni; unamazolo obusha bakho.
Kuyakuthi ngalolo suku impande kaJese ime njengebhanela labantu; emva kwalokho abezizwe bayakufuna, nokuphumula kwakhe kuyakuba yinkazimulo.
Bheka, umuzi wonke waphuma ukumhlangabeza uJesu; bathi bembona, bamncenga ukuba amuke emikhawulweni yabo.
Kepha bona sebemukile ePherge bafika e-Antiyokiya yasePhisidiya, bangena esinagogeni ngosuku lwesabatha, bahlala phansi.