Kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; Wozani nibone indawo lapho iNkosi yayilele khona.
IzEnzo 13:30 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo. IsiZulu 2020 Kepha uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo; |
Kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; Wozani nibone indawo lapho iNkosi yayilele khona.
Ngakho uBaba uyangithanda, ngokuba mina ngidela ukuphila kwami, ukuze ngibuye ngikuthabathe.
UJesu waphendula wathi kubo: Dilizani lelithempeli, njalo ngensuku ezintathu ngiyakulivusa.
UNkulunkulu usigcwalisile kithina bantwana babo ngokumvusa uJesu; njengoba kulotshiwe futhi ehubweni lesibili ukuthi: Wena uyiNdodana yami, namuhla ngikuzele.
Maqondana nokuthi wamvusa kwabafileyo, angasayikubuyela ekonakaleni, washo kanje: Ngizakuninika umusa oqinisekileyo kaDavide.
Ngokuba umisile usuku, ayokwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngalowo muntu ammisile; enike bonke isiqinisekiso ngokumvusa kwabafileyo.
uNkulunkulu amvusayo, esethukululile iminjunju yokufa, ngoba kwakungenzeki ukuthi abanjwe yikho.
UNkulunkulu ka-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, uNkulunkulu wawokhokho bethu, uyikhazimulisile iNdodana yakhe uJesu; enamkhaphela nina, namphika phambi kukaPilatu, yena esenqumile ukumkhulula.
UNkulunkulu eseyivusile iNdodana yakhe uJesu, wayithuma kini kuqala, ukuze anibusise ngokuniphendula yilowo nalowo ebubini bakhe.
Makwazeke kini nonke nakubo bonke abantu bakwa-Israyeli, ukuthi ngegama likaJesu Kristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, uNkulunkulu amvusa kwabafileyo, ngaye lo umi lapha phambi kwenu esindile.
Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo uMalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esiphakade, iNkosi yethu uJesu Kristu.