Intukuthelo kaBalaki yamvuthela uBileyamu, washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu: “Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami; bheka, usuzibusisile kathathu.
IzEnzo 11:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lokho kwenzeka kathathu, konke kwabuye kwenyuselwa ezulwini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lokho-ke kwenzeka kathathu, konke kwabuye kwenyuselwa ezulwini. IsiZulu 2020 “Lokho-ke kwenzeka kwaze kwaba kathathu, konke kwabuye kwenyuselwa ezulwini. Baasraak Zulu New Testament Bible Lokho kwenzeka kathathu, konke kwabuye kwenyuselwa ezulwini. |
Intukuthelo kaBalaki yamvuthela uBileyamu, washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu: “Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami; bheka, usuzibusisile kathathu.
UJesu wamphendula wathi: “Uyakudela ukuphila kwakho ngenxa yami na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Iqhude aliyikukhala, uze ungiphike kathathu.
Wathi kuye ngokwesithathu: Simoni kaJona, uyangithanda na? UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: Uyangithanda na? Wathi kuye: “Nkosi, wazi zonke izinto wena; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. UJesu wathi kuye: Dlisa izimvu zami.
Bheka, kwahle kwafika amadoda amathathu endlini engangikuyo, ethunywe kimi evela eKesariya.
Kodwa izwi langiphendula futhi livela ezulwini, lathi: Lokho uNkulunkulu akuhlambululileyo, wena ungasho ukuthi kungcolile.