Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.
IzEnzo 1:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Sebebuthene bambuza, bathi: “Nkosi, uyawubuyisela ngalesi sikhathi umbuso ku-Israyeli na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona labo ababebuthene bambuza bathi: “Nkosi, usawubuyisela umbuso ku-Israyeli ngalesi sikhathi na?” IsiZulu 2020 Labo ababebuthene lapho bambuza bathi: “Nkosi, uzowubuyisela yini umbuso ku-Israyeli ngalesi sikhathi na?” Baasraak Zulu New Testament Bible Sebebuthene bambuza, bathi: “Nkosi, uyawubuyisela ngalesi sikhathi umbuso ku-Israyeli na? |
Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.
Ngiyakubuyisela abahluleli bakho njengasekuqaleni, nabeluleki bakho njengasekuqaleni; emva kwalokho uyakubizwa ngokuthi: Umuzi wokulunga, umuzi othembekileyo.
Njalo ngizayilahla inzalo kaJakobe lenceku yami uDavida, ukuze ngingathathi loyedwa wenzalo yakhe abe ngumbusi phezu kwenzalo kaAbrahama, uIsaka loJakobe; ngoba ngizabuyisela ukuthunjwa kwabo lesihawu phezu kwabo.
Umbuso, nokubusa, nobukhulu bombuso phansi kwezulu lonke kuyakunikwa abantu abangcwele boPhezukonke, ombuso wakhe ungumbuso ophakade, nakho konke ukubusa kuyakumkhonza, kumlalele.
Ngoba abantwana bakwa-Israyeli bayohlala izinsuku eziningi bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenasithombe esibaziweyo, bengenasembatho sehlombe, bengenazithixo zasendlini.
Ngalolo suku ngiyakuvusa itabernakele likaDavide eliwileyo, ngivale imifantu yalo; ngiyakuvusa amanxiwa awo, ngilakhe njengasezinsukwini zasendulo.
Kepha wena, Betlehema Efrata, noma umncane phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda, uyakuphuma kuwe eze kimi, oyakuba ngumbusi kwa-Israyeli; okuphuma kwawo kwakusukela endulo, kwaphakade.
Jabula kakhulu, ndodakazi yaseZiyoni! khala, ndodakazi yaseJerusalema! Bheka, iNkosi yakho iza kuwe; Ulungile futhi unensindiso; ithobekile, igibele imbongolo, ithole lethole.
UJesu waphendula, wathi kubo: “Nempela u-Eliya uzakufika kuqala, abuyisele zonke izinto.
Wathi kuye: “Ufunani na? Wathi kuye: Vumela lawa madodana ami amabili ahlale, enye ngakwesokunene sakho, nenye ngakwesokhohlo, embusweni wakho.
Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: “Sitshele, kuyakuba nini lokho na? futhi siyakuba yini isibonakaliso sokufika kwakho nesokuphela kwezwe na?
Waphendula, wathi kubo: “Nempela u-Eliya uyeza kuqala, abuyisele zonke izinto; nokuthi kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi imelwe ukuhlupheka ngokuningi, idelelwe.
Kwathi ebuzwa ngabaFarisi ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini, wabaphendula wathi: Umbuso kaNkulunkulu awufiki ubonwa.
Kwathi bekuzwa lokho, wanezela, wakhuluma umfanekiso, ngokuba wayeseduze neJerusalema, nangokuba babethi umbuso kaNkulunkulu uzakuvela masinyane.