Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.
IzEnzo 1:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Athi futhi: Madoda aseGalile, nimeleni nigqolozele ezulwini na? UJesu lo, onyuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo njengalokho nimbonile eya ezulwini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.” IsiZulu 2020 athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nigqolozele ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini wenyuselwa ezulwini, uyakubuya kanjalo, njengalokhu nimbonile eya ezulwini.” Baasraak Zulu New Testament Bible Athi futhi: Madoda aseGalile, nimeleni nigqolozele ezulwini na? UJesu lo, onyuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo njengalokho nimbonile eya ezulwini. |
Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.
Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”
Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, khona-ke izizwe zonke zomhlaba ziyakuzila, futhi zibone iNdodana yomuntu iza ngamafu ezulu inamandla nenkazimulo enkulu.
Nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo sobukhosi.
Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza emafwini inamandla amakhulu nenkazimulo.
Waphinda waphika. Kwathi emva kwesikhatshana futhi ababemi khona bathi kuPetro: Isibili ungomunye wabo, ngoba ungowaseGalili, lokukhuluma kwakho kuvumelana lakho.
Khona emva kokuba iNkosi isikhulumile kubo, yenyuselwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
Besaba bekhothamele phansi ngobuso, bathi kubo: “Nifunelani ophilayo kwabafileyo na?
Futhi uma ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginemukele kimi; ukuze lapho ngikhona, libe khona lani.
kwaze kwafika usuku akhushulwa ngalo, esebalayile ngoMoya oNgcwele abaphostoli ayebakhethile;
kusukela ekubhapathizweni kukaJohane kuze kube lusuku akhushulwa ngalo kithina, kufanele ukuthi kube khona omunye abe ngufakazi kanye nathi wokuvuka kwakhe.
Wabonwa izinsuku eziningi yilabo ababekhuphukele naye eJerusalema besuka eGalile, abangabofakazi bakhe kubantu.
Bamangala bonke, bamangala, bathi omunye komunye: “Bhekani, bonke laba abakhulumayo abasibo abaseGalile na?
UPetru ekubona waphendula abantu wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nimangala ngalokho na? Kumbe nisigqolozeleni ngokungathi ngamandla ethu nangobungcwele bethu senze lo ukuba ahambe na?
omelwe ukumamukela izulu kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu azikhulumayo ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele bonke kusukela kwaphakade.
nokulinda iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osikhulula olakeni oluzayo.
Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngokumemeza, ngezwi lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala;
Kanjalo noKristu wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi; futhi kulabo abalindele yena uyobonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kube insindiso.
Bheka, uyeza namafu; namehlo onke ayakumbona, nabamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Noma kunjalo Amen.