UJehova akashongo ukuthi uyakwesula igama lika-Israyeli phansi kwezulu, kepha wabakhulula ngesandla sikaJerobowamu indodana kaJowashi.
IsiLilo 3:66 - Contemporary Zulu Bible 2024 Basukeleni nibabhubhise ngokufutheka phansi kwezulu likaJehova. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakubaxosha ngentukuthelo, ubabhubhise, bangabe besaba khona phansi kwezulu likaJehova. IsiZulu 2020 Baxoshe ngentukuthelo yakho, ubabhubhise, kungasali namunye phansi kwezulu likaSimakade. |
UJehova akashongo ukuthi uyakwesula igama lika-Israyeli phansi kwezulu, kepha wabakhulula ngesandla sikaJerobowamu indodana kaJowashi.
Uma ngithi: Ngizokhuluma kanje; bheka, bengiyakucasula isizukulwane sabantwana bakho.
Lapho ngibona amazulu akho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo;
Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, nomhlaba uyisenabelo sezinyawo zami. Iphi indlu oNgakhela yona? iphi indawo yami yokuphumula na?
Ngakho kumelwe uthi kubo: Onkulunkulu abangalenzanga izulu nomhlaba, bayoshabalala emhlabeni nangaphansi kwaleli zulu.
O Jehova, uyakwazi lokhu; ngikhumbule, ungihambele, ungiphindisele kwabangizingelayo; ungangisusi ekubekezeleni kwakho; yazi ukuthi ngijezisiwe ngenxa yakho.
Ngakho-ke, lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuphumuza kuzo zonke izitha zakho nxazonke, ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona njengefa ukuba ulidle, uyakwesula ukukhunjulwa kuka-Amaleki phansi kwezulu.
UJehova akayikumhawukela, kepha lapho intukuthelo kaJehova nokushisekela kwakhe kuyakushunqa kulowo muntu, zibe phezu kwakhe zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi, uJehova alibize igama lakhe phansi kwezulu, azesule.
Uyakuwanikela amakhosi azo esandleni sakho, wena uchithe igama lawo phansi kwezulu; kakho ozakuma phambi kwakho uze ubabhubhise.