Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsiLilo 3:58 - Contemporary Zulu Bible 2024

O Nkosi, wena wamela izindaba zomphefumulo wami; Uhlengile impilo yami.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Nkosi, umela indaba yomphefumulo wami, uyahlenga ukuphila kwami.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Nkosi, uyimele indaba yami, wayihlenga impilo yami.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsiLilo 3:58
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ingelosi eyangikhulula ebubini bonke ibusisa abafana; igama lami malibizwe phezu kwabo negama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; futhi mabakhule babe yisixuku phakathi komhlaba.


Ngisho noma nithi ngeke nimbone, nokho ukwahlulelwa kuphambi kwakhe; ngakho uthembele kuYe.


Ohlenga ukuphila kwakho ekubhujisweni; okuthwesa umusa nesihe;


UJehova uyawukhulula umphefumulo wezinceku zakhe, futhi akekho noyedwa kwabamethembayo oyoba ihlane.


Izindebe zami ziyakujabula kakhulu lapho ngihlabelela kuwe; nomphefumulo wami owuhlengileyo.


Ukhuzile abezizwe, wababhubhisa ababi, igama labo walesula kuze kube phakade naphakade.


Isho kanje iNkosi yakho uJehova, noNkulunkulu wakho omela indaba yabantu bakhe, ithi: Bheka, ngiyithathile esandleni sakho indebe yokuthuthumela, inkezo yenkezo yolaka lwami; ungase ungabe usaliphuza.


Kepha, Jehova Sebawoti, owahlulela ngokulunga, ohlola izinso nenhliziyo, mangibone impindiselo yakho kubo, ngokuba ngimazisile wena icala lami.


Ngokuba uJehova wamhlenga uJakobe, wamkhulula esandleni sonamandla kunaye.


Base bemdonsa uJeremiya ngezintambo bamkhipha emgodini, uJeremiya wahlala egcekeni letilongo.


UMsindisi wabo unamandla; nguJehova Sebawoti igama lakhe; Uyolivikela ngokugcwele icala labo lomthetho, anike izwe ukuphumula futhi aphazamise abakhileyo eBhabhele.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakulwela indaba yakho, ngikuphindisele; ngiyomisa izilwandle zalo, ngomise nemithombo yalo.


UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makabusiswe uJehova owamela icala lami lokuhlanjalazwa esandleni sikaNabali, wayisindisa inceku yakhe ebubini; ngoba uJehova ulobubi bukaNabali ekhanda lakhe. UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.