IsiLilo 3:30 - Contemporary Zulu Bible 2024 Unika isihlathi sakhe komshayayo; ugcwele ihlazo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Makanike isihlathi sakhe komshayayo, asuthe ngenhlamba. IsiZulu 2020 Makamnike isihlathi ommukulayo, asuthe inhlamba. |
Ihlazo laphula inhliziyo yami; futhi ngaba lusizi; nabaduduzi, kepha angibatholanga.
Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile; nokuhlambalaza kwabakuthukayo kwehlela phezu kwami.
Ngiwunike umhlane wami ekushayweni, nezihlathi zami kulabo abaklebhula izinwele; angibufihlanga ubuso bami ehlazweni nasekukhafuleni.
Khathesi buthanani ngamaviyo, ndodakazi yamabandla; Wasivimbezela; bayoshaya umahluleli ka-Israyeli esihlathini ngodondolo.
Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamshaya; abanye bamshaya ngezintende zezandla.
Okushaya esihlathini mnike nesinye; nokwephuca ingubo yakho, ungamaleli nengubo yakho.
Ngokuba niyakubekezelela, uma umuntu enenza izigqila, uma umuntu enidla, uma umuntu ethatha kini, uma eziphakamisa, uma umuntu enishaya ebusweni.