IsiLilo 3:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Waphula amazinyo ami ngohlalwane, wangifaka umlotha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Waphula amazinyo ami ngohlalwane, wangembesa umlotha. IsiZulu 2020 Ungiqumbe othulini, amazinyo ami ephulwa ngumgubane. |
Ukubhonga kwengonyama nezwi lengonyama ebhongayo namazinyo amabhongo engonyama kwephukile.
Ngokuba ngidle umlotha njengesinkwa, ngixubanise okuphuzwayo kwami nezinyembezi;
Vuka, Jehova; ngisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba uzishaye zonke izitha zami emhlathini; Uwaphulile amazinyo ababi.
Nkulunkulu, phula amazinyo abo emlonyeni wabo, Jehova, weqa amazinyo amakhulu amabhongo ezingonyama.
Isinkwa senkohliso simnandi kumuntu; kepha ngasemuva umlomo wakhe uyakugcwala amatshe.
O ndodakazi yabantu bami, bhinca izingubo zokulila, uzigoqe ngomlotha; ulilele njengendodana eyodwa, isililo esimunyu, ngokuba ngokuzumayo umchithi uyakusehlela.
Ngokuba izwi lafika enkosini yaseNineve, yasukuma esihlalweni sayo sobukhosi, yakhumula ingubo yayo kuyo, yembathisa indwangu yamasaka, yahlala phansi emlotheni.
Noma ngumuphi umuntu kini ongathi, uma indodana yakhe icela isinkwa, ayinike itshe na?
Uma indodana icela isinkwa kunoma ubani kini onguyise, ayinike itshe na? noma icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi na?