Ngokuba lapho ubaba wanithwesa ijoka elinzima, mina ngiyakuneka futhi ejokeni lenu;
IsAmbulo 9:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Zazinemisila efana neyofezela, zinezindosi emisileni yazo, namandla azo okulimaza abantu izinyanga eziyisihlanu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sasinemisila efana neyawofezela inezindosi, nasemisileni yaso kukhona amandla aso okona abantu izinyanga eziyisihlanu. IsiZulu 2020 Sasinemisila efana nofezela, inezindonsi; nasemisileni yaso kukhona amandla aso okulimaza abantu izinyanga ezinhlanu. Baasraak Zulu New Testament Bible Zazinemisila efana neyofezela, zinezindosi emisileni yazo, namandla azo okulimaza abantu izinyanga eziyisihlanu. |
Ngokuba lapho ubaba wanithwesa ijoka elinzima, mina ngiyakuneka futhi ejokeni lenu;
Wabaphendula njengeseluleko sezinsizwa, wathi: “Ubaba walenza ijoka lenu laba nzima, kepha mina ngiyakunezela kulokho; ubaba wanishaya ngezitswebhu, kepha mina ngiyakunishaya ngawofezela.”
Wena-ke, ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi amazwi abo, nakuba ukhula oluhlabayo nameva kukhona kuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla emehlweni abo, bayindlu edlubulundayo.
Ngokuba amandla awo asemlonyeni wawo nasemisileni yawo, ngokuba imisila yawo yayifana nezinyoka, inamakhanda, futhi alimaza ngayo.
Kwaphuma isikhonyane emsini, seza emhlabeni, saphiwa amandla anjengamandla ofezela bomhlaba.
Sase sinikwa ukuba singababulali, kodwa bahlushwe izinyanga eziyisihlanu; nobuhlungu babo kwakunjengobuhlungu bukafezela, lapho eshaya umuntu.