Kwaba khona ukwesaba okukhulu kubo, ngokuba uNkulunkulu usesizukulwaneni sabalungileyo.
IsAmbulo 6:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 bathi ezintabeni nasemadwaleni: Welani phezu kwethu, nisifihle ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nasolakeni lweWundlu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE base bethi ezintabeni nasemaweni: “Welani phezu kwethu, nisisithe ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nasolakeni lweWundlu, IsiZulu 2020 base bethi ezintabeni nasemaweni: “Welani phezu kwethu, nisifihle ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi, nasolakeni lweWundlu, Baasraak Zulu New Testament Bible bathi ezintabeni nasemadwaleni: Welani phezu kwethu, nisifihle ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nasolakeni lweWundlu. |
Kwaba khona ukwesaba okukhulu kubo, ngokuba uNkulunkulu usesizukulwaneni sabalungileyo.
Futhi ukufa kuyakukhethwa esikhundleni sokuphila kuyo yonke insali yalabo abasele kulesi sizukulwane esibi, abasele ezindaweni zonke lapho engibaxoshele khona,” usho uJehova Sebawoti.
Izintaba zase-Aveni, isono sika-Israyeli, ziyakuchithwa; ameva nekhakhasi kuyakumila phezu kwama-altare abo; bayakuthi ezintabeni: Sisibekeleni; nakumagquma: Welani phezu kwethu.
UJesu wathi kuye: “Wena ushilo; nokho ngithi kini: Kusukela manje nizakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.
Wabaqalaza ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo, wathi kumuntu: Yelula isandla sakho. Waseselula; saphiliswa isandla sakhe saba njengesinye.
Khona bayakuqala ukuthi ezintabeni: Welani phezu kwethu; nasezintabeni: Sisibekele.
Wafunga yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, owadala izulu, nokukhona, nomhlaba, nezinto ezikuwo, nolwandle, nokukhona kukho, ukuthi akuyikubakho isikhathi eside:
Emlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye ngayo izizwe, azibusa ngentonga yensimbi, unyathela isikhamo sewayini solaka nolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.
Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekela ubuso bakhe nezulu; kabafunyanwanga indawo yabo.
Njalo masinyane ngaba kuMoya; khangela-ke, isihlalo sobukhosi simisiwe ezulwini, lohlezi esihlalweni sobukhosi.
Esihlalweni sobukhosi kuphuma imibani, nokuduma, namazwi, nezibani zomlilo eziyisikhombisa zivutha phambi kwesihlalo sobukhosi, ezingoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu.
Futhi lapho lezo zilwane zinika inkazimulo nodumo nokubonga kuye ohlezi esihlalweni sobukhosi, ophilayo kuze kube phakade naphakade.
Ngase ngibona esandleni sokunene salowo ohlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelwe ngezimpawu eziyisikhombisa.
Base bememeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Nkosi, ongcwele noqinisileyo, ungahluleli uphindisele igazi lethu kwabakhileyo emhlabeni na?
Ngalezo zinsuku abantu bayakufuna ukufa, kepha abayikukuthola; bayakufisa ukufa, kepha ukufa kubabalekela.