Lawa angamagama abantwana bakwa-Israyeli abafika eGibithe; bonke beza noJakobe kanye nendlu yakhe.
IsAmbulo 4:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Emva kwalokho ngabona, bheka, umnyango uvuliwe ezulwini, nezwi lokuqala engalizwayo lalinjengelecilongo likhuluma nami; lathi: Yenyukela lapha, ngizakutshengisa okuzakwenzeka emva kwalokhu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, umnyango uvulekile ezulwini, nezwi lokuqala engalizwayo linjengelecilongo likhuluma nami, lithi: “Yenyukela lapha, ngikutshengise okumelwe ukuba kube khona emva kwalokhu.” IsiZulu 2020 Emveni kwalokho, ngase ngibona umnyango uvulekile ezulwini, nezwi engangilizwe kuqala linjengelecilongo lakhuluma nami, lathi: “Yenyukela lapha, ngizakukutshengisa okumele ukuba kwenzeke emva kwalokhu.” Baasraak Zulu New Testament Bible Emva kwalokho ngabona, bheka, umnyango uvuliwe ezulwini, nezwi lokuqala engalizwayo lalinjengelecilongo likhuluma nami; lathi: Yenyukela lapha, ngizakutshengisa okuzakwenzeka emva kwalokhu. |
Lawa angamagama abantwana bakwa-Israyeli abafika eGibithe; bonke beza noJakobe kanye nendlu yakhe.
UJehova wathi kuye: “Hamba, wehle, ukhuphuke, wena no-Aroni kanye nawe; kepha abapristi nabantu mabangafohli benyukele kuJehova, funa abadumele.
UJehova wayesethi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni, ube khona, ngikunike izibhebhe zamatshe, nomthetho, nemiyalo engiyibhalile; ukuthi ungabafundisa.
Ngoba kungcono ukuthi kuthiwe: Yenyukela lapha; kunokuba uthotshiswe phambi kwesikhulu esibone amehlo akho.
Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu, ngenyanga yesine, ngolwesihlanu lwenyanga, ngiphakathi kweziboshwa ngasemfuleni iKebari, lavuleka izulu, ngabona imibono kaNkulunkulu.
Wathi ekhuphuka ephuma emanzini, wabona izulu livulekile, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba.
Kwathi sebebhabhathiziwe abantu bonke, uJesu laye esebhabhathiziwe, ekhuleka, izulu lavuleka;
Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso, ngokuba akayikuzikhulumela ngokwakhe; kepha lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.
Wabona izulu livulekile, nesitsha esithile sehlela kuye, njengendwangu enkulu, eboshiwe emagumbini omane, yehliselwa emhlabeni;
Wathi: “Bheka, ngibona amazulu evulekile, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi ngelecilongo;
Ngase ngiphenduka ukuba ngibone izwi elalikhuluma nami. Ngithe ngiphenduka, ngabona izinti zezibani eziyisikhombisa zegolide;
Bezwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi kubo: “Yenyukelani lapha.” Benyukela ezulwini ngefu; nezitha zabo zababona.
Kwavulwa ithempeli likaNkulunkulu ezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe, kwaba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.
Eyesikhombisa yathululela isitsha sayo emoyeni; kwavela izwi elikhulu ethempelini lasezulwini, livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Sekwenzekile.”
Ngabona izulu livulekile, bheka, ihhashi elimhlophe; nohlezi phezu kwalo ubizwa ngokuthi, oThembekileyo noQinisileyo, futhi ngokulunga uyahlulela, enze impi.
Yathi kimi: “Lawa mazwi athembekile, aqinisile, neNkosi uNkulunkulu wabaprofethi abangcwele yathuma ingelosi yayo ukubonisa izinceku zayo okumelwe zenzeke masinyane.