Rubeni, uyizibulo lami, amandla ami, nengqalo yamandla ami, ubuhle besithunzi, nobuhle bamandla.
IsAmbulo 3:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi: Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekileyo noqinisile, isiqalo sokudaliweyo kukaNkulunkulu; IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi: “Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekayo noqinisileyo, ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi: IsiZulu 2020 “Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikheya loba, ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekileyo noqinisileyo, ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi: Baasraak Zulu New Testament Bible Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi: Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekileyo noqinisile, isiqalo sokudaliweyo kukaNkulunkulu; |
Rubeni, uyizibulo lami, amandla ami, nengqalo yamandla ami, ubuhle besithunzi, nobuhle bamandla.
UJehova wangizuza ngingukuqala kwendlela yakhe, ngaphambi kwemisebenzi yakhe yasendulo.
Ukuthi ozibusisayo emhlabeni uzakubusiswa kuNkulunkulu weqiniso; lalowo ofunga emhlabeni uzafunga uNkulunkulu weqiniso; ngoba izinhlupheko zakuqala sezikhohliwe, ngoba zisithekile emehlweni ami.
Base bethi kuJeremiya: “UJehova uyakuba ngufakazi oqinisileyo nothembekileyo phakathi kwethu, uma singenzi njengakho konke uJehova uNkulunkulu wakho ayakukuthuma khona kithina.
UJesu waphendula, wathi kubo: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi lapho ngavela khona nokuthi ngiyaphi; kodwa lina kalikwazi lapho engivela khona lalapho engiya khona.
Ngokuba zonke izithembiso zikaNkulunkulu kuye zinguyebo, futhi kuyena zingu-Amen, kube inkazimulo kaNkulunkulu ngathi.
Kodwa indodana yomuntu ozondwayo kumelwe ivume njengezibulo ngokuyinika ingxenye ephindwe kabili yakho konke elakho; ngokuba uyisiqalo samandla akhe; ilungelo lobuzibulo lingelakhe.
Futhi yona iyinhloko yomzimba, ibandla, eyisiqalo, izibulo kwabafileyo; ukuze ibe ngeyokuqala ezintweni zonke.
Ngokuba ngithanda ukuba nazi ukuthi kungakanani ukulwa enginakho ngenxa yenu, nangenxa yabaseLawodikeya, nabo bonke abangabubonanga ubuso bami enyameni;
Nxa le ncwadi isifundiwe kini, qinisekani ukuba ifundwe nasebandleni laseLawodikeya; nokuthi nani nifunde incwadi evela eLawodikeya.
esithi: Mina nginguAlfa loOmega, owokuqala lowokuphela; e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamo, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.
nakuJesu Kristu, ongufakazi othembekileyo, nezibulo kwabafileyo, nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye owasithandayo nowasigeza ezonweni zethu ngegazi lakhe.
Ngabona izulu livulekile, bheka, ihhashi elimhlophe; nohlezi phezu kwalo ubizwa ngokuthi, oThembekileyo noQinisileyo, futhi ngokulunga uyahlulela, enze impi.
Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide;
Wathi kimi: Sekwenzekile. Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho. Owomileyo ngiyakumnika ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.
Yathi kimi: “Lawa mazwi athembekile, aqinisile, neNkosi uNkulunkulu wabaprofethi abangcwele yathuma ingelosi yayo ukubonisa izinceku zayo okumelwe zenzeke masinyane.
Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi; “Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu; avale kungavuli muntu;