UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi eminingi emihle, enezithelo ezimnandi, ezidliwayo. Phakathi nensimu kwakumi umuthi wokuphila kanye nomuthi wokwazi okuhle nokubi.
IsAmbulo 22:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, ukuze babe negunya emthini wokuphila, futhi bangene emzini ngamasango. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango. IsiZulu 2020 “Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango. Baasraak Zulu New Testament Bible Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, ukuze babe negunya emthini wokuphila, futhi bangene emzini ngamasango. |
UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi eminingi emihle, enezithelo ezimnandi, ezidliwayo. Phakathi nensimu kwakumi umuthi wokuphila kanye nomuthi wokwazi okuhle nokubi.
INkosi uNkulunkulu yathi: Bheka, umuntu usenjengomunye wethu ukwazi okuhle nokubi; futhi manje njengoba engaseluli isandla sakhe futhi futhi athathe emthini wokuphila adle futhi aphile kuze kube phakade.
Dumisani uJehova. Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova, othokoza ngemithetho yakhe.
I Nkosi yasisithi kuMozisi: Yana ebantwini, ubangcwelise lamuhla lakusasa, bahlanze izembatho zabo.
Ubusisiwe olindayo afinyelele izinsuku eziyinkulungwane lamakhulu amathathu lamatshumi amathathu lanhlanu.
Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu.
Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene aphume, afumane idlelo.
UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
Wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo, waphuza kuwo yena, nabantwana bakhe, nezinkomo zakhe, na?
Asinagunya lokuhamba nodadewenu, umkakho, nabanye abaphostoli, nabafowabo beNkosi, noKhefase?
Ngokuba kuKristu Jesu ukusoka nokungasoki akulutho; kodwa ukholo olusebenza ngothando.
Laye wonke umuntu onalelithemba kuye, uyazihlambulula, njengalokhu yena ehlambulukile.
Ngokuba uthando lukaNkulunkulu yilokhu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima.
Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila, ophakathi kwepharadesi likaNkulunkulu.
inogange olukhulu noluphakemeyo, inamasango ayishumi nambili, nasemasangweni izingelosi eziyishumi nambili, kulotshwe kuwo amagama angawezizwe eziyishumi nambili zabantwana bakwa-Israyeli.
Akuyikungena kuwo lutho olungcolileyo, nawo wonke amanyala namanga, kuphela abalotshiweyo encwadini yokuphila yeWundlu.
Phakathi kwesitaladi sawo nangaphesheya komfula kwakukhona umuthi wokuphila, othela izithelo eziyishumi nambili, uthela isithelo sawo inyanga nenyanga, namahlamvu omuthi angawokuphulukisa imimoya izizwe.
Ngathi kuye: Nkosi, nguwe owaziyo. Yathi kimi: Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.