Yingakho amasango akho eyohlala evuliwe; imini nobusuku zingavalwa; ukuze abantu balethe kuwe amabutho ezizwe, futhi amakhosi azo alethwe.
IsAmbulo 21:25 - Contemporary Zulu Bible 2024 Amasango awo akayikuvalwa nhlobo emini, ngokuba ubusuku abuyikuba khona lapho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE namasango awo awasoze avalwa emini, ngokuba ubusuku abuyikuba khona lapho; IsiZulu 2020 Amasango awo awasoze avalwa emini, ngokuba ubusuku abuyukuba bikho lapho. Baasraak Zulu New Testament Bible Amasango awo akayikuvalwa nhlobo emini, ngokuba ubusuku abuyikuba khona lapho. |
Yingakho amasango akho eyohlala evuliwe; imini nobusuku zingavalwa; ukuze abantu balethe kuwe amabutho ezizwe, futhi amakhosi azo alethwe.
Ilanga lakho alisayikushona; nenyanga yakho ayiyikugoqa, ngokuba uJehova uyakuba ngukukhanya kwakho kwaphakade, nezinsuku zokulila kwakho ziphele.
Kodwa kuyoba usuku olulodwa oluyokwaziwa nguJehova, kungabi yimini noma ebusuku; kodwa kuzakhanya kusihlwa.
inogange olukhulu noluphakemeyo, inamasango ayishumi nambili, nasemasangweni izingelosi eziyishumi nambili, kulotshwe kuwo amagama angawezizwe eziyishumi nambili zabantwana bakwa-Israyeli.
Owayekhuluma nami wayenohlanga lwegolide ukuba alinganise umuzi, namasango awo, nogange lwawo.
Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nokukhanya kwawo iWundlu.
Ubusuku abuyikuba khona lapho; futhi abadingi isibani, nokukhanya kwelanga; ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakukhanyisela, futhi bayobusa kuze kube phakade naphakade.