Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsAmbulo 21:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ulenkazimulo kaNkulunkulu; ukukhanya kwawo kunjengetshe eliligugu elikhulu, linjengetshe lejaspi elicwebezela njengekristalu;

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

unenkazimulo kaNkulunkulu; ukukhanya kwawo kwakunjengetshe elinenani elikhulu sengathi yitshe lejaspi* elicwebezelayo,

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Wawunenkazimulo kaNkulunkulu; ukucwazimula kwawo kunjengetshe eliyigugu sengathi yitshe ijasphi elicwebezelayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ulenkazimulo kaNkulunkulu; ukukhanya kwawo kunjengetshe eliligugu elikhulu, linjengetshe lejaspi elicwebezela njengekristalu;

Uka jalj uñjjattʼäta



IsAmbulo 21:11
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Igolide nekristalu akunakulingana, futhi ukuhwebelana kwakho akufanele kube ngamatshe ayigugu egolide elicolekileyo.


Futhi uJehova uyodala phezu kwayo yonke indawo yokuhlala yeNtaba iZiyoni naphezu kwamabandla ayo ifu nomusi emini nokukhanya komlilo ovuthayo ebusuku, ngoba phezu kwayo yonke inkazimulo kuyoba khona indawo yokucasha.


Okufana komkhathi phezu kwamakhanda ezidalwa eziphilayo kwakunjengombala wekristalu elesabekayo, wendlalwe phezu kwamakhanda azo.


Phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakukhona okufana nesihlalo sobukhosi, kufana nokubonakala kwetshe lesafire;


Ngobuningi bezinto zakho ezithengiswayo bagcwalise phakathi kwakho ngobudlova, wonile; ngakho-ke ngiyokulahla ungcolile entabeni kaNkulunkulu; futhi ngizokubhubhisa, kherubi elisibekelayo, usuke phakathi kwamatshe omlilo.


Bheka, inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yavela ngasempumalanga, nezwi lakhe lalinjengomsindo wamanzi amaningi, nomhlaba wakhanya ngenkazimulo yakhe.


Kungaba yizilinganiso eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili, igama lomuzi kusukela ngalolo suku lithi: UJehova ukhona.


Ithempeli lagcwala umusi ovela enkazimulweni kaNkulunkulu nasemandleni akhe; futhi kwakungekho muntu owayengangena ethempelini, zize zigcwaliseke izinhlupho eziyisikhombisa zezingelosi eziyisikhombisa.


Yangikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uphuma esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


Ubusuku abuyikuba khona lapho; futhi abadingi isibani, nokukhanya kwelanga; ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakukhanyisela, futhi bayobusa kuze kube phakade naphakade.


Ohleziyo wayebonakala enjengetshe lejaspi nesardiyu, kunothingo uhaqe isihlalo sobukhosi, ufana nesimaragidu ngokubonakala.


Phambi kwesihlalo sobukhosi kwakukhona ulwandle lwengilazi lufana nekristalu, naphakathi kwesihlalo sobukhosi nasekuzungezeni isihlalo sobukhosi kukhona izidalwa ezine ezigcwele amehlo ngaphambili nangasemuva.