IsAmbulo 20:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu esandleni sayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu ngesandla sayo. IsiZulu 2020 Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, esandleni sayo iphethe isihluthulelo sakwalasha neketango elikhulu esandleni sayo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu esandleni sayo. |
Ngokuba uma uNkulunkulu engaziyekanga izingelosi ezonayo, kepha waziphonsa esihogweni, wazinikela emaketangeni obumnyama, zigcinelwe ukwahlulelwa;
Nezingelosi ezingagcinanga isikhundla sazo sokuqala, kepha zashiya ikhaya lazo, uzigcinile ngamaketanga aphakade phansi kobumnyama kuze kube ngukwahlulelwa kosuku olukhulu.
Mina ngingophilayo, futhi ngangifile; futhi bheka, ngiyaphila kuze kube phakade, Amen; futhi nginezihluthulelo zesihogo nezokufa.
Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini, yembethe ifu, kunothingo ekhanda layo, nobuso bayo bunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo;
Emva kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu; futhi umhlaba wakhanyiswa ngenkazimulo yakhe.
Yayiphosela kwalasha, yamvalela, yafaka uphawu phezu kwayo, ukuze ingabe esazidukisa izizwe, ize igcwaliseke iminyaka eyinkulungwane, emva kwalokho imelwe ukukhululwa isikhashana.