Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsAmbulo 18:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ingelosi enamandla yafukula itshe elinjengelokusila elikhulu, yaliphonsa olwandle, ithi: “Kanjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ingelosi enamandla yafukula itshe linjengelokusila elikhulu, yaliphonsa elwandle, yathi: “Ngokunjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ingelosi enamandla yaqukula itshe lokugaya elikhulu, yaliphonsa olwandle, ithi: “Liyakwenziwa kanjalo iBhabhiloni umuzi omkhulu, liphonswe ngamandla, lingabe lisatholakala nanini.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ingelosi enamandla yafukula itshe elinjengelokusila elikhulu, yaliphonsa olwandle, ithi: “Kanjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsAmbulo 18:21
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wahlukanisa ulwandle phambi kwabo, badabula ulwandle emhlabathini owomileyo; futhi wabaphonsa ekujuleni njengetshe emanzini anamandla.


Uyakundiza amuke njengephupho, angafunyanwa; yebo, uyoxoshwa njengobuso bobusuku.


Kodwa wafa, bheka, wayengasekho; yebo, ngamfuna, kodwa akatholakalanga.


Utwa lwabasibekela, bashona phansi njengetshe.


Ngiyakukwenza ube yingebhe, ungabikho; noma ungafunwa, awusayikufunyanwa, isho iNkosi uJehova.


Khona-ke uyophendulela ubuso bakhe enqabeni yezwe lakhe, kodwa uyokhubeka awe, angatholakali.


Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini, yembethe ifu, kunothingo ekhanda layo, nobuso bayo bunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo;


Kodwa kazange anqobe; nendawo yabo ayibange isatholakala ezulwini.


Zonke iziqhingi zabaleka, nezintaba azatholwa.


emi khatshana ngokwesaba ukuhlutshwa kwalo, esithi: Maye, maye, umuzi omkhulu iBhabhiloni, umuzi onamandla! ngoba ngehora elilodwa ukwahlulela kwakho kufike.


Izwi lababetha amahabhu, nabahlabeleli, nabashaya imitshingo, nabamacilongo alisayikuzwakala kuwe nakanye; kayisayikutholwa kuwe ngcweti yanoma yimuphi umsebenzi oyiwo; umsindo wetshe lokugaya awusayikuzwakala kuwe nakanye;


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekela ubuso bakhe nezulu; kabafunyanwanga indawo yabo.


Ngase ngibona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: Ngubani ofanele ukuvula incwadi nokuthukulula izimpawu zayo na?