IsAmbulo 18:20 - Contemporary Zulu Bible 2024 Thokoza ngawo wena zulu, nani baphostoli abangcwele, nani baprofethi; ngoba uNkulunkulu ukuphindisele kulo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baprofethi; ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ” IsiZulu 2020 Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ” Baasraak Zulu New Testament Bible Thokoza ngawo wena zulu, nani baphostoli abangcwele, nani baprofethi; ngoba uNkulunkulu ukuphindisele kulo. |
Mabaqalekise, kepha bakubusise; uma besukuma, mababe namahloni; kepha mayijabule inceku yakho.
Olungileyo uyakuthokoza lapho ebona impindiselo; uyogeza izinyawo zakhe egazini lababi.
Jehova Nkulunkulu, ngeyakhe impindiselo; O Nkulunkulu, ongowakhe impindiselo, zibonise Wena.
Lapho kuhambela kahle kwabalungileyo, umuzi uyajabula; nalapho ababi bebhubha, kukhona ukuthokoza.
Ngokuba bhekani, uJehova uyaphuma endaweni yakhe ukuze ahambele abakhileyo emhlabeni ngenxa yobubi babo;
Hlabelelani nina mazulu! ngokuba uJehova ukwenzile; thokozani nina zingxenye eziphansi zomhlaba. Jabulani nina zintaba, hlathi, nemithi yonke ekulo, ngokuba uJehova umhlengile uJakobe, wamkhazimulisa kwa-Israyeli.
Hlabelelani nina mazulu! futhi jabula, O mhlaba! niqhume ngokujabula, zintaba; ngokuba uJehova wabaduduza abantu bakhe, waba nomusa kwabampofu bakhe.
UJehova usezisusile izahlulelo zakho, usixoshile isitha sakho; inkosi yakwa-Israyeli, uJehova, iphakathi kwakho; anisayikubona ububi.
Nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, uJesu Kristu uqobo lwakhe eyitshe legumbi;
Okwathi kwezinye izikhathi okungakaziswanga kubantwana babantu, njengalokhu sekubonakalisiwe kubaphostoli bakhe abangcwele labaprofethi ngoMoya;
Wapha abanye ukuthi babe ngabaphostoli; labanye abaprofethi; labanye, abavangeli; labanye bangabelusi labafundisi;
Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi, inkemba yami idle inyama; futhi lokhu ngegazi lababuleweyo kanye neziboshwa, kusukela ekuqaleni kokuphindisela esitheni.
ukuze likhumbule amazwi akhulunywa ngaphambili ngabaprofethi abangcwele, lomlayo wethu thina baphostoli beNkosi loMsindisi;
Kepha nina bathandekayo, khumbulani amazwi akhulunywe ngaphambili ngabaphostoli beNkosi yethu uJesu Kristu;
Ngakho thokozani lina mazulu, lani elihlala kuwo. Maye kwabakhileyo emhlabeni nolwandle! ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.
Linikeni njengalokho lanivuza, niligcwalise ngokuphindwe kabili ngokwemisebenzi yalo;
Base bememeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Nkosi, ongcwele noqinisileyo, ungahluleli uphindisele igazi lethu kwabakhileyo emhlabeni na?
Mazibhubhe zonke izitha zakho, Jehova, kepha abamthandayo mababe njengelanga lapho liphuma ngamandla alo. Izwe laphumula iminyaka engamashumi amane.