Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsAmbulo 18:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba ngehora linye ingcebo engaka isichithiwe. Bonke abaqhubi bemikhumbi, nesixuku sonke semikhumbi, namatilosi, nabo bonke abahweba olwandle bema kude;

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba ngehora linye nje ingcebo engaka ichithekile.’ “Nabashayeli bonke bemikhumbi, nabo bonke abaya nomaphi ngomkhumbi, namatilosi,* nabo bonke abasebenza elwandle bemela kude,

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngokuba ngehora linye vo, ingcebo engaka isishabalalisiwe.’ “Bonke abashayeli bemikhumbi, bonke abaya noma kuphi ngomkhumbi, amatilosi, nabo bonke abasebenza olwandle bamela kude,

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ngokuba ngehora linye ingcebo engaka isichithiwe. Bonke abaqhubi bemikhumbi, nesixuku sonke semikhumbi, namatilosi, nabo bonke abahweba olwandle bema kude;

Uka jalj uñjjattʼäta



IsAmbulo 18:17
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Khalani nina mikhumbi yaseTharishishi, ngokuba amandla enu achithekile.


Kepha lezi zinto ezimbili ziyakukwehlela ngokuphazima kweso, ngalusuku lunye, ukufelwa abantwana nobufelokazi;


IBhabhiloni lawa ngokuzumayo, lachithwa; mkhaleleni; thatha amafutha ezinhlungwini zakhe, uma kunjalo, angasinda.


Ngokuba isijeziso sobubi bendodakazi yabantu bami sikhulu kunesijeziso sesono saseSodoma elachithwa ngokuphazima kweso, kungasalanga zandla phezu kwalo.


Induna yasondela kuye, yathi kuye: “Uthini wena olele ubuthongo na?” sukuma, ubize uNkulunkulu wakho, uma uNkulunkulu esikhumbula, ukuze singalahleki.


Nokho induna yekhulu yakholwa umshayeli nomnikazi womkhumbi kunalezo ezazishiwo uPawulu.


Izimpondo eziyishumi ozibonile zingamakhosi ayishumi angakawamukeli umbuso; kodwa amukele amandla njengamakhosi ihora linye kanye nesilo.


Izimpondo eziyishumi owazibonayo nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe, zisenze incithakalo, zibe nqunu, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo.


Base bethela uthuli emakhanda abo, bamemeza bekhala, belila, bethi: “Maye, maye, muzi omkhulu, lapho kwacetshiswa khona bonke ababenemikhumbi olwandle ngenxa yokubiza kwawo okuhle! ngoba ngehora elilodwa selichithekile.