Ngokuba ukuthengiswa kwawo kuhle kunokuthengiswa kwesiliva, nenzuzo yalo kunegolide elihle.
IsAmbulo 18:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abathengisi bomhlaba bayakulila, balikhalele; ngoba akusekho muntu othenga impahla yabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Nabathengisi bomhlaba bayalikhalela, balililele, ngokuba impahla yabo ayisathengwa muntu, IsiZulu 2020 “Nabahwebi bomhlaba bayakhala, bayalililela, ngokuba akusekho muntu othenga impahla yabo: Baasraak Zulu New Testament Bible Abathengisi bomhlaba bayakulila, balikhalele; ngoba akusekho muntu othenga impahla yabo. |
Ngokuba ukuthengiswa kwawo kuhle kunokuthengiswa kwesiliva, nenzuzo yalo kunegolide elihle.
IBhabhiloni, inkazimulo yemibuso, ubukhazikhazi bobukhulu bamaKaledi, liyoba njengalapho uNkulunkulu egumbuqela iSodoma neGomora.
Bayakuba njalo kuwe osebenza nabo, abehwebi bakho kwasebusheni bakho; akekho oyokusindisa.
Amalunga aseGebali nezihlakaniphi zakhe ayekuwe, emakamelweni akho; yonke imikhumbi yolwandle kanye namatilosi ayo yayikuwe ukuba ithathe impahla yakho.
Khalani nina enakhileyo eMakhethe, ngokuba bonke abathengisi banqunyiwe; bonke abagqoka isiliva bayakubhujiswa.
Isiliva labo negolide labo ngeke libe namandla okubasindisa ngosuku lolaka lweNkosi; kodwa umhlaba wonke uzaqedwa ngomlilo womhawu wakhe;
Kodwa kabananzanga, basuka, omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe.
Wasesithi kwabathengisa amajuba: Susani lezizinto lapha; ningayenzi indlu kaBaba ibe yindlu yokuthengisela.
Ngokuhaha bayakunenza ngamazwi obuqili; ukwahlulelwa kwabo kwakudala akulibali, nokubhujiswa kwabo akozeli.
Abathengisi balezo zinto abacetshiswa ngalo bayakuma kude ngokwesaba ukuhlushwa kwalo, bekhala belila;
Thokoza ngawo wena zulu, nani baphostoli abangcwele, nani baprofethi; ngoba uNkulunkulu ukuphindisele kulo.
Nokukhanya kwesibani akusayikukhanya kuwe nakanye; nezwi lomyeni nelomlobokazi alisayikuzwakala kuwe nakanye; ngokuba ngobuthakathi bakho izizwe zonke zikhohlisiwe.
Ngokuba izizwe zonke ziphuzile ewayinini lolaka lobufebe balo, namakhosi omhlaba afeba nalo, nabathengisi bomhlaba banothile ngokuchichima kwezibiliboco zalo.
Lamakhosi omhlaba aphingayo laye aphile kamnandi laye, azakulilela, alilele, lapho ebona intuthu yokutshiswa kwayo;