Bheka, inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yavela ngasempumalanga, nezwi lakhe lalinjengomsindo wamanzi amaningi, nomhlaba wakhanya ngenkazimulo yakhe.
IsAmbulo 18:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Emva kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu; futhi umhlaba wakhanyiswa ngenkazimulo yakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Emva kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu, nomhlaba wakhanyiswa ngokukhazimula kwayo. IsiZulu 2020 Emveni kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu, umhlaba wakhanyiswa yinkazimulo yayo. Baasraak Zulu New Testament Bible Emva kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu; futhi umhlaba wakhanyiswa ngenkazimulo yakhe. |
Bheka, inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yavela ngasempumalanga, nezwi lakhe lalinjengomsindo wamanzi amaningi, nomhlaba wakhanya ngenkazimulo yakhe.
Ngokuba njengonyazi, onyazima kwenye indawo phansi kwezulu, ukhanyisa kwenye indawo phansi kwezulu; iyakuba njalo iNdodana yomuntu ngosuku lwayo.
Khona kuyakwambulwa lowo omubi, iNkosi eyakumqeda ngomoya womlomo wayo, imbhubhise ngokubonakala kokufika kwayo;
Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini, yembethe ifu, kunothingo ekhanda layo, nobuso bayo bunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo;
Kwase kufika enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi kimi: “Woza lapha; Ngiyakukukhombisa ukwahlulelwa kwesifebe esikhulu esihlezi phezu kwamanzi amaningi;
Yathi kimi ingelosi: “Umangala ngani na? Ngizokutshela imfihlakalo yowesifazane, neyesilo esimthwele, esinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi.
Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nokukhanya kwawo iWundlu.