Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.
IsAmbulo 14:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ohlezi phezu kwefu waliphonsa isikela lakhe emhlabeni; futhi umhlaba wavunwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ohlezi phezu kwefu wayeseliphonsa isikela emhlabeni; wawusuvunwa umhlaba. IsiZulu 2020 Ohlezi phezu kwefu waliphonsa isikela emhlabeni; wawusuvunwa umhlaba. Baasraak Zulu New Testament Bible Ohlezi phezu kwefu waliphonsa isikela lakhe emhlabeni; futhi umhlaba wavunwa. |
Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.
Ngase ngibona, bheka, ifu elimhlophe, naphezu kwefu kwakuhlezi ofana neNdodana yomuntu, enomqhele wegolide ekhanda layo, nasesandleni sakhe isikela elibukhali.
Enye ingelosi yaphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu kohlezi efwini, ithi: “Faka isikela lakho uvune, ngokuba isikhathi sokuvuna sesifikile; ngoba isivuno somhlaba sesivuthiwe.
Ingelosi yaliphonsa isikela layo emhlabeni, yawukha umvini womhlaba, yawuphonsa esikhamweni sewayini esikhulu solaka lukaNkulunkulu.