INkosi uNkulunkulu yabumba umuntu ngothuli lomhlaba, yaphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba ngumphefumulo ophilayo.
IsAmbulo 11:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Emva kwezinsuku ezintathu nenxenye uMoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo, bema ngezinyawo zabo; ukwesaba okukhulu kwehlela labo abababonayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi emva kwalezo zinsuku ezintathu nenxenye umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo; base bema ngezinyawo zabo, nabababonayo behlelwa ngukwesaba okukhulu. IsiZulu 2020 Kwathi sekwedlule lezo zinsuku ezintathu nengxenye, umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo, bema ngezinyawo zabo, behlelwa ukwesaba okukhulu labo abababonayo. Baasraak Zulu New Testament Bible Emva kwezinsuku ezintathu nenxenye uMoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo, bema ngezinyawo zabo; ukwesaba okukhulu kwehlela labo abababonayo. |
INkosi uNkulunkulu yabumba umuntu ngothuli lomhlaba, yaphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba ngumphefumulo ophilayo.
Kuyakuba yigama lentokozo kimi, indumiso nodumo phambi kwezizwe zonke zomhlaba eziyokuzwa konke okuhle engikwenzela zona; futhi bayokwesaba futhi bathuthumele ngenxa yabo bonke ubuhle nangenxa yakho yonke impumelelo engiyisebenzelayo.
Emva kwalokho abantwana bakwa-Israyeli bayakubuya bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo; bayakumesaba uJehova nomusa wakhe ekupheleni kwezinsuku.
Ukwesaba okukhulu kwehlela phezu kwebandla lonke nakubo bonke abazizwayo lezizinto.
U-Ananiya esizwa lawa mazwi wawa phansi, wafa; ukwesaba okukhulu kwehlela bonke abezwa lokho.
Kepha uma uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngoMoya wakhe ohlala kini.
Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila kuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nokufa.
Wayesethi emadodeni: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi ingebhe yenu isehlele, nokuthi bonke abakhileyo ezweni bafa ngenxa yenu.
Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, nengxenye yeshumi yomuzi yawa, kwabulawa ukuzamazama komhlaba abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa;
Abantu nemindeni nezilimi nezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nenxenye, bangavumeli izidumbu zabo zibekwe emathuneni.