Inkosi yasicebisana, yenza amathole amabili egolide, yathi kubo: “Kungaphezu kwamandla enu ukukhuphukela eJerusalema; bheka, Israyeli, onkulunkulu bakho abakukhipha ezweni laseGibithe.
Hoseya 8:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Babeka amakhosi, kodwa kungengami; benza izikhulu, mina ngingazi; ngesiliva labo nangegolide labo bazenzele izithombe, ukuze babhujiswe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bona bazibekela amakhosi engavelanga kimi; bamisa izikhulu, ngingazi; isiliva labo negolide labo bakwenza kwaba yizithombe zabo, ukuze banqunywe. IsiZulu 2020 Bazibekele bona amakhosi angaveli kimi; babeka abaholi ngingazi; bazenzela izithombe ngesiliva nangegolide labo, ukuze kunqunywe. |
Inkosi yasicebisana, yenza amathole amabili egolide, yathi kubo: “Kungaphezu kwamandla enu ukukhuphukela eJerusalema; bheka, Israyeli, onkulunkulu bakho abakukhipha ezweni laseGibithe.
Le nto yaba yisono kuyo indlu kaJerobowamu ukuba iyiqede nokuyichitha emhlabeni.
Kwathi, njengokungathi kuyinto elula kuye ukuhamba ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, wathatha u-Izebeli indodakazi ka-Etibhali inkosi yamaSidoni ukuba abe ngumkakhe, wahamba wambulala. Wakhonza uBali, wakhuleka kuye.
Lahlani kini zonke iziphambeko zenu eleqa ngazo; futhi anenze inhliziyo entsha nomoya omusha; ngoba lizafelani lina ndlu kaIsrayeli?
Inkosi uNebukadinesari yenza isithombe segolide, ukuphakama kwaso kwakuyizingalo ezingamashumi ayisithupha, nobubanzi baso buyizingalo eziyisithupha; wawumisa ethafeni laseDura esifundeni saseBabele.
Lapho u-Efrayimi ekhuluma ngokuthuthumela, waphakama kwa-Israyeli; kodwa lapho ona ngoBhali, wafa.
Manje banezela ukona, bazenzela izithombe ezibunjiwe ngesiliva labo nezithombe njengokuqonda kwabo, konke lokhu kungumsebenzi wezingcweti; bathi ngazo: Abahlabayo mabanga amathole.
Ngokuba wayengazi ukuthi yimina engimnike amabele, newayini, namafutha, ngandisa isiliva negolide abakulungisela uBali.
Nxa umninindlu esesukumile wavala umnyango, seliqala ukuma ngaphandle lokungqongqotha emnyango, lisithi: Nkosi, Nkosi, sivulele; uyakuphendula athi kini: Anginazi lapho nivela khona;
Kodwa uzakuthi: Ngithi kini: Kangilazi lapho elivela khona; sukani kimi nina nonke benzi bokubi.
Kepha manje lokhu senimazi uNkulunkulu, noma kunalokho naziwa nguNkulunkulu, senibuyela kanjani ezimisweni ezibuthakathaka neziwubala, enithanda ukubuye nibe yizigqila zazo na?