Hoseya 8:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Israyeli walahla okuhle; isitha siyakumxosha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Israyeli ukulahlile okuhle; isitha siyakumxosha. IsiZulu 2020 U-Israyeli ukwenqabile okuhle; isitha siyakumxosha. |
Abasizingelayo banejubane kunezinkozi zezulu; basixosha ezintabeni, basilindela ehlane.
Babeka amakhosi, kodwa kungengami; benza izikhulu, mina ngingazi; ngesiliva labo nangegolide labo bazenzele izithombe, ukuze babhujiswe.
Futhi mayelana nalabo kini abasele bephila, ngizothumela ukudangala ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo; umsindo weqabunga elikhencezayo uyobasukela; bayakubaleka njengababaleki phambi kwenkemba; bayakuwa uma kungekho obaxoshayo.
Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Edomi, nangenxa yezine, angiyikuguquka; ngokuba waxosha umfowabo ngenkemba, walahla lonke uzwelo, nolaka lwakhe lwaludabukile njalo, futhi wagcina ulaka lwakhe kuze kube phakade.
UJehova uyakuninqoba phambi kwezitha zenu, niphume ukulwa nazo ngendlela eyodwa, nizibaleke ngezindlela eziyisikhombisa, ninyakazeke emibusweni yonke yomhlaba.