UJehova waguqula isimo sikaJobe lapho ekhulekela abangane bakhe; uJehova wamnika uJobe okuningi kwalokho ayenakho ngaphambili.
Hoseya 6:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi, Juda, wakumisela isivuno lapho ngibuyisela isabelo sabantu bami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Nawe Juda ulungiselwe ukuvunwa, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabantu bami. IsiZulu 2020 “Nawe Juda, ulungiselwe ukuvunwa, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabantu bami.” |
UJehova waguqula isimo sikaJobe lapho ekhulekela abangane bakhe; uJehova wamnika uJobe okuningi kwalokho ayenakho ngaphambili.
Kumholi wokuhlabelela, ihubo lamadodana kaKora. Jehova, wawuyintokozo ezweni lakho, wabuyisa isiphetho sikaJakobe.
Ngakho-ke, ungesabi, nceku yami Jakobe, usho uJehova; ungapheli amandla, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakuhlenga usekude, nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, aphumule, athule, akakho omesabisayo.
Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Indodakazi yaseBabele injengesibuya, sekuyisikhathi sokuyibhula; kuseyisikhashana, kufike isikhathi sokuvuna kwayo.
Hlalani esikeleni, ngokuba isivuno sesivuthiwe; woza, yehla; ngokuba isikhamo sigcwele, amanoni ayachichima; ngoba ububi babo bukhulu.
Kodwa abayazi imicabango kaJehova futhi abaqondi iseluleko sakhe, ngoba uyobabutha njengezithungu esibuyeni.
Umkhawulo uyakuba ngowensali yendlu yakwaJuda; bayoklaba kuyo; ezindlini zase-Ashikeloni kusihlwa bayakulala; ngokuba uJehova uNkulunkulu wabo uyakubahambela, abuyise ukuthunjwa kwabo.
Enye ingelosi yaphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu kohlezi efwini, ithi: “Faka isikela lakho uvune, ngokuba isikhathi sokuvuna sesifikile; ngoba isivuno somhlaba sesivuthiwe.