Hoseya 5:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho ngiyoba njengenundu ku-Efrayimi nanjengokubola kuyo indlu yakwaJuda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mina-ke senginjengenundu ku-Efrayimi, nanjengokubola kuyo indlu yakwaJuda. IsiZulu 2020 Mina-ke nginjengenundu ku-Efrayimi, nanjengokubola kuyo indlu kaJuda. |
Lapho usola umuntu ngobubi, ubuhle bakhe buqedwa njengenundu; isibili wonke umuntu uyize. Sela.
Umfazi olungileyo ungumqhele endodeni yakhe, kodwa onamahloni unjengokubola emathanjeni ayo.
Ngakho-ke, njengomlilo uqeda izinhlanga, nelangabi lidla amakhoba, kanjalo impande yabo iyakuba njengokubola, nembali yabo ikhuphuke njengothuli, ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova Sebawoti, balilahla izwi lamabandla. ONgcwele ka-Israyeli.
Bheka, iNkosi uJehova iyangisiza; ngubani ongangahlulela na? bheka, bonke bayakuguga njengengubo; inundu lizabadla libaqede.
Ngokuba inundu liyakubadla njengengubo, nempethu iyobadla njengoboya bezimvu; kepha ukulunga kwami kuyakuma phakade, nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.
Kodwa ngakusasa uNkulunkulu walungiselela isibungu, sawushaya umhlakuva waze wabuna.