UJoramu esembonile uJehu wathi: “Kusahleziwe kahle, Jehu na?” Wathi: “Kuthula kuni, lapho ubufebe bukanyoko u-Izebeli nobuthakathi bakhe busengaka na?”
Hoseya 2:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kangiyikuba lesihawu kubantwana bakhe; ngoba bangabantwana bobufebe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Angiyikuhawukela abantwana bakhe, ngokuba bangabantwana bobufebe. IsiZulu 2020 Angiyukubazwela abantwana bakhe, ngokuba bangabantwana bobufebe. |
UJoramu esembonile uJehu wathi: “Kusahleziwe kahle, Jehu na?” Wathi: “Kuthula kuni, lapho ubufebe bukanyoko u-Izebeli nobuthakathi bakhe busengaka na?”
Uma ingatsha zawo zibunile, ziyakuphulwa; beza abesifazane bazithungele ngomlilo; ngoba bangabantu abangenangqondo; ngakho-ke Lowo owabenzayo akayikuba nesihe kubo, futhi Lowo owababumba akazukubonisa umusa.
Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso kanyoko, engamala na? Kumbe ngubani kwabakweletayo engithengise kuye? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangenxa yeziphambeko zenu unyoko walahlwa.
Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Ningangeni endlini yokulila, ningayi ukuyobakhalela, ningabakhalele; ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu, usho uJehova, umusa nesihe.
Futhi ngizobeka ukushisekela kwami phezu kwakho, futhi bayobhekana nawe; bayakususa ikhala lakho nezindlebe zakho; insali yenu iyakuwa ngenkemba; bayakuthatha amadodana akho namadodakazi akho; futhi insali yakho iyoqedwa ngomlilo.
Ngalokho nami ngiyakwenza ngokufutheka; iso lami aliyikuhawukela, angiyikuba nesihawu;
Noma yini ephathelene nami, iso lami ngeke libahawukele, futhi ngeke ngibe nesihe, kodwa ngiyokunikela phezu kwamakhanda abo.
Ukuqala kwezwi likaJehova ngoHoseya. UJehova wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele isifebe nabantwana besifebe, ngokuba izwe lifebe kakhulu ngokusuka kuJehova.
Wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. UNkulunkulu wathi kuye: “Mbize ngokuthi uLoruhama, ngokuba angisayikuba nomusa kuyo indlu yakwa-Israyeli; kodwa ngizabasusa ngokupheleleyo.
Baphambuka kuJehova, ngokuba bazala abantwana bezizweni; manje inyanga izobaqeda kanye nesabelo sabo.
Yayisiphendula ingelosi kaJehova, yathi: “Jehova Sebawoti, koze kube nini ungahawukeli iJerusalema nemizi yakwaJuda osuyithukuthelele le minyaka engamashumi ayisithupha na?
Nina nenza imisebenzi kayihlo. Basebesithi kuye: Thina kasizalwanga ngokuphinga; sinoBaba oyedwa, uNkulunkulu.
Ngakho bheka ububele nobukhali bukaNkulunkulu: ubukhali kulabo abawayo; kodwa kuwe ububele, uma uqhubeka ebuhleni bakhe;
Ngakho uhawukela lowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.
Ngokuba ukwahlulela okungenasihawu uyakuba nomusa; nesihawu siyathokoza ekwahlulelweni.