UMenahemu wayeseyichitha iThifsa nakho konke okwakukulo, nomkhawulo wayo kusukela eTirisa; ngenxa yokuthi abamvulelanga, ngakho wabanqoba; futhi bonke abakhulelweyo ababekulo wabadabula.
Hoseya 13:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 ISamariya liyosala lishiyiwe; ngoba liyahlubuka kuNkulunkulu walo; bayakuwa ngenkemba; izinsana zabo ziyochotshozwa, futhi abesifazane babo abakhulelwe bayoklebhulwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ISamariya liyakuthwala icala lalo, ngokuba lihlubukile uNkulunkulu walo; bayakuwa ngenkemba, izingane zabo zichotshozwe, abakhulelweyo babo baqaqwe.” IsiZulu 2020 ISamariya liyakuba necala, ngokuba limhlubukile uNkulunkulu walo; bayakufa ngenkemba, izingane zabo ziphahlazwe, abakhulelweyo baqaqwe.” |
UMenahemu wayeseyichitha iThifsa nakho konke okwakukulo, nomkhawulo wayo kusukela eTirisa; ngenxa yokuthi abamvulelanga, ngakho wabanqoba; futhi bonke abakhulelweyo ababekulo wabadabula.
Ngakho uJehova wabathukuthelela kakhulu u-Israyeli, wabasusa ebusweni bakhe; akwasala muntu, isizwe sakwaJuda kuphela.
Inkosi yase-Asiriya yadabula izwe lonke, yakhuphukela eSamariya, yalivimbezela iminyaka emithathu.
Ngomnyaka wesishiyagalolunye kaHoseya inkosi yase-Asiriya yalithumba iSamariya, yathumbela u-Israyeli e-Asiriya, yababeka eHala naseHabori ngasemfuleni iGoshani nasemizini yamaMede.
UHasayeli wasesithi: Inkosi yami ililelani? Wathi: “Ngokuba ngiyazi okubi oyakukwenza kubantwana bakwa-Israyeli; uyakuthungela izinqaba zabo ngomlilo, izinsizwa zabo zinibulale ngenkemba, zichoboze abantwana babo, ziklebhule abesifazane babo nengane.
Futhi abantwana babo bayochotshozwa phambi kwamehlo abo; izindlu zabo ziyakuba yimpango, nawomkabo bahlazeke.
Inqaba iyakuma kwa-Efrayimi, nombuso waseDamaseku, nensali yase-Aramu; bayakuba njengenkazimulo yabantwana bakwa-Israyeli,” usho uJehova Sebawoti.
Ngoba engakakwazi umntwana ukuthi: Baba lomama, ingcebo yeDamaseko lempango yeSamariya kuzakwemukwa phambi kwenkosi yeAsiriya.
Inhliziyo yabo yahlukene phakathi; manje bayotholakala bentula; uyakuwadiliza ama-altare abo, achithe izithombe zabo.
Futhi inkemba iyohlala phezu kwemizi yakhe, futhi iyoqothula amagatsha akhe, futhi iyowaqeda ngenxa yamacebo awo.
Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantwana bakwa-Amoni, nangenxa yezine, angiyikukubuyisa ukujeziswa kwabo; ngoba badwengula abesifazane abakhulelweyo bakwaGileyadi ukuze bandise umngcele wabo.
Lazisani ezindlini zobukhosi zase-Ashidodi nasezindlini zamakhosi ezweni laseGibithe, nithi: ‘Buthanani ezintabeni zaseSamariya, nibone isiyaluyalu esiphakathi kwabo nabacindezelweyo phakathi kwabo.
Ngabona iNkosi imi e-altare, yathi: “Shaya umbundu ongaphezulu womnyango, ukuze izinsika zizamazame; uwaqobe wonke ekhanda; futhi ngizobulala abokugcina kubo ngenkemba;
Izintaba ziyoncibilika phansi kwakhe, nezigodi ziqhekezeke, njengengcina phambi komlilo, nanjengamanzi athululelwa endaweni eyehlelayo.
Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi, nihambe ngamacebo abo; ukuba ngikwenze ihlane nabakhileyo kulo babe yinhlekisa; ngakho-ke kufanele uthwale ihlazo labantu bami.
Kepha wathunjwa, waya ekudingisweni; nabantwana balo bachotshozwa eziqongweni zazo zonke izitaladi; benza inkatho ngabahlonishwayo, nabo bonke abakhulu balo baboshwa ngamaketanga.