Izikhulu zalo ziningi phezu kwesiphambeko sezwe, kepha ngomuntu onokuqonda nokwazi isimo salo siyakwandiswa.
Hoseya 13:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakunika inkosi ngolaka lwami, ngayisusa ngolaka lwami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngikunike inkosi ngentukuthelo yami, ngayisusa ngolaka lwami. IsiZulu 2020 Ngakunika inkosi ngentukuthelo yami, ngayithatha ngolaka lwami. |
Izikhulu zalo ziningi phezu kwesiphambeko sezwe, kepha ngomuntu onokuqonda nokwazi isimo salo siyakwandiswa.
Ngokuba manje bayakuthi: ‘Asinankosi, ngokuba asimesabanga uJehova; khona-ke inkosi ingasenzani?
Ngoba abantwana bakwa-Israyeli bayohlala izinsuku eziningi bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenasithombe esibaziweyo, bengenasembatho sehlombe, bengenazithixo zasendlini.
Babeka amakhosi, kodwa kungengami; benza izikhulu, mina ngingazi; ngesiliva labo nangegolide labo bazenzele izithombe, ukuze babhujiswe.
Nina nimlahlile namuhla uNkulunkulu wenu, owanisindisa kuzo zonke izinhlupheko zenu nezinsizi zenu; laselisithi kuye: Hatshi, kodwa sibekele inkosi phezu kwethu. Manje zimiseni phambi kukaJehova ngokwezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.
USamuweli wasesithi kuIsrayeli wonke: Khangelani, ngilalele ilizwi lenu kukho konke elakutsho kimi, njalo ngilibekile inkosi phezu kwenu.
Bhekani-ke, inkosi enayikhetha, ebeniyifisa; bhekani, uJehova ubeke inkosi phezu kwenu.
USamuweli wasesithi kuSawuli: Kangiyikubuya lawe, ngoba ulalile ilizwi leN kosi, njalo iN kosi ikulahlile ukuthi ungabi yinkosi phezu kukaIsrayeli.
UJehova wasesithi kuSamuweli: Koze kube nini ulilela uSawuli, mina ngimalile ukuthi abuse phezu kukaIsrayeli? Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe, ngiyakuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizilungisele inkosi phakathi kwamadodana akhe.