Suka uye ePhadani Aramu endlini kaBhetuweli uyise kanyoko; uzithathele khona umfazi emadodakazini kaLabani unyokolume.
Hoseya 12:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngomprofethi uJehova wamkhipha u-Israyeli eGibithe, walondolozwa ngomprofethi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wakhuphula u-Israyeli eGibithe ngomprofethi, wagcinwa ngomprofethi. IsiZulu 2020 USimakade wakhuphula u-Israyeli eGibhithe ngomphrofethi, wamlondoloza ngomphrofethi. |
Suka uye ePhadani Aramu endlini kaBhetuweli uyise kanyoko; uzithathele khona umfazi emadodakazini kaLabani unyokolume.
UJakobe wasebenzela uRaheli iminyaka eyisikhombisa; kwaba yizinsukwana nje emehlweni akhe ngenxa yothando ayenalo ngaye.
Wayesethi uMose kubantu: “Khumbulani lolu suku ekuphumeni kwenu eGibithe, endlini yobugqila; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo; akungadliwa isinkwa esivutshelweyo.
Ingelosi kaNkulunkulu eyaphuma phambi kwempi yakwa-Israyeli yasuka, yabalandela; insika yefu yasuka phambi kwawo, yema emva kwawo.
Lapho u-Israyeli esengumntwana, ngamthanda ngayibiza indodana yami iphume eGibhithe.
Ngiyakumnika khona izivini zakhe nesigodi sase-Akori njengomnyango wethemba; iyohlabelela lapho njengasezinsukwini zobusha bayo nanjengasosukwini lokukhuphuka kwayo iphuma ezweni laseGibithe.
Ngokuba nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yobugqila; ngathuma oMose, no-Aroni, noMiriyamu phambi kwenu.
Ngiyakukhuluma naye umlomo nomlomo, ngokusobala, kungabi ngamazwi angamafu; futhi uyobona isimo sikaJehova. Aningesabi ngani ukukhuluma kabi ngenceku yami uMose na?
Uzakhuluma uthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: Ubaba wayengumAramu owayezabhubha, wehlela eGibhithe, wahlala khona njengowezizwe labayingcosana; njalo lapho induna enkulu yaba ngumuntu olamandla njalo elabantu abanengi isizwe.
Kwathi uJakobe engena eGibithe, oyihlo bakhuleka kuJehova, uJehova wathuma oMose no-Aroni, bakhipha oyihlo eGibithe, babahlalisa kule ndawo.