Hoseya 10:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nilima ububi, navuna ububi; nidlile izithelo zamanga, ngokuba nathembela endleleni yenu, ngobuningi bamaqhawe enu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nilime ububi, navuna okubi; nidlile izithelo zamanga, ngokuba nethemba endleleni yenu nakubo ubuningi bamaqhawe enu. IsiZulu 2020 Nilime inkohlakalo, navuma ukungalungi, nidle isithelo senkohliso, ngokuba nethembela endleleni yenu nasebuningini bamabutho enu. |
Akukho nkosi esindiswa ngobuningi bempi; iqhawe alisindiswa ngamandla amakhulu.
Bhekani, lo nguye umuntu uNkulunkulu angamenzanga amandla akhe; kepha wethemba ebuningini benotho yakhe, waziqinisa ebubini bakhe.
Ningenciki ekucindezelweni, ningabi yize ngokuphanga; uma ingcebo iyanda, ungabeki inhliziyo yakho kuyo.
Udebe lweqiniso luyakuma kuze kube phakade, kepha ulimi lwamanga lungomzuzwana.
Umuntu uyakudla okuhle ngesithelo somlomo wakhe, kepha umphefumulo wabaphambukayo uyakudla ubudlova.
Ngabuya ngabona phansi kwelanga ukuthi ukugijima akusikho okwabanejubane, nokulwa akukho kwabanamandla, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ingeyabantu abanengqondo,
Ngosuku oyohlumisa ngalo isitshalo sakho, futhi ekuseni uyokwenza imbewu yakho iqhakaze; kodwa ukuvuna kuyakuba yithemba ngosuku losizi nolokudabuka okukhulu.
U-Efrayimi ungihaqile ngamanga, nendlu ka-Israyeli ngenkohliso, kepha uJuda usabusa noNkulunkulu, uthembekile kwabangcwele.
Ngokuthuka, nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga, bayafohla, igazi lithinta igazi.
Ngokuba bahlwanyele umoya, bavune isivunguvungu; ihlumela ngeke liveze ufulawa; uma kunjalo, abafokazi bayakuwudla.
Inkosi yakwa-Israyeli yaphumela kubani na? ujaha bani? enjeni efileyo, ezelezeni.