Ngakho abaJuda bemizi ababehlala emizini engabiyelweyo benza usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari lube usuku lwenjabulo nolwedili nosuku oluhle, nolokuthumelelana izabelo.
Esteri 9:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 njengezinsuku amaJuda aphumula ngazo ezitheni zawo, nenyanga eyaguqulelwa kuwo usizi yaba intokozo, nokulila kwaba usuku oluhle; nezipho kwabampofu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE njengezinsuku abaJuda abathola ngazo ukuphumula ezitheni zabo nenyanga eyaguqulwa kubo osizini yaba ngeyokuthokoza nasekulileni kwaba lusuku oluhle, bazenze zibe yizinsuku zedili nezokuthokoza nezokuthumelana izipho omunye komunye, kanye nezipho kwabampofu. IsiZulu 2020 Ngalezo zinsuku, abaJuda bakhululwa ezitheni zabo, ngenyanga lapho usizi lwabo lwaphenduka injabulo, ukulila kwabo kwaba yintokozo. Kwakumele kube yizinsuku zedili nentokozo, izinsuku zokuphana izipho ezingukudla, nezipho eziya kwabampofu. |
Ngakho abaJuda bemizi ababehlala emizini engabiyelweyo benza usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari lube usuku lwenjabulo nolwedili nosuku oluhle, nolokuthumelelana izabelo.
ukukumisa phakathi kwabo, ukuthi bagcine usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari nolweshumi nanhlanu lwayo minyaka yonke;
AmaJuda avuma ukwenza njengalokho ayeqalile, nanjengoba uMoridegayi wayewabhalele wona;
Waphendula ukulila kwami kwaba ngukusina; Wangihlubula indwangu yamasaka, wangibhincisa intokozo;
Udumo lwami luze luhlabelele udumo lwakho, lungathuli. O Jehova Nkulunkulu wami, ngizokudumisa kuze kube phakade.
Kuyakuthi ngosuku uJehova aniphumuze ngalo osizini lwakho, nasekwesabeni kwakho, nasebugqileni obunzima obukhonzwe ngabo,
Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ukuzila ukudla kwenyanga yesine, nokuzila ukudla kweyesihlanu, nokuzila ukudla kweyesikhombisa, nokuzila ukudla kweyeshumi kuyakuba ngukuthokoza nokujabula nemikhosi yokujabula endlini yakwaJuda; ngakho-ke kufanele uthande iqiniso nokuthula.
Kepha yiphani abampofu lokho eninakho; futhi bhekani, zonke izinto zihlanzekile kini.
Uma kukhona phakathi kwakho ompofu wabafowenu kwelinye lamasango akho ezweni lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ungayenzi lukhuni inhliziyo yakho, ungasivali isandla sakho kumfowenu ompofu.
Uzakuthokoza edilini lakho, wena lendodana yakho lendodakazi yakho lenceku yakho lencekukazi yakho lomLevi, umfokazi lentandane lomfelokazi abaphakathi kwamasango akho.
Izinsuku eziyisikhombisa uyakugcina umkhosi wokudumisa uJehova uNkulunkulu wakho endaweni uJehova ayakuyikhetha, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kuzo zonke izithelo zakho nasemsebenzini wonke wezandla zakho; jabulani.
Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bajabule, bathumele izipho omunye komunye; ngoba laba baprofethi ababili babahlupha abakhileyo emhlabeni.
Buza izinsizwa zakho, zizokukhombisa. Ngakho-ke izinsizwa mazithole umusa emehlweni akho, ngokuba siyeza ngosuku oluhle; kunika izinceku zakho nendodana yakho uDavide konke okusesandleni sakho.