Ngokomthetho, kufanele senzeni ngendlovukazi uVashiti, ngoba akazange enze umyalo wenkosi u-Ahashiveroshi esebenzisa izinduna?
Esteri 6:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho uHamani engena, inkosi yathi kuye: “Makwenziweni ngomuntu inkosi ethanda ukumdumisa na? UHamani wasesithi enhliziyweni yakhe: Inkosi ingathokoza bani ukudumisa ngaphandle kwami? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yayisithi inkosi kuye: “Umuntu inkosi ethanda ukumdumisa wenzelwani na?” UHamani wathi enhliziyweni yakhe: “Ngubani inkosi ebiyakuthanda ukumenzela udumo ngaphandle kwami na?” IsiZulu 2020 UHamani wangena, inkosi yambuza, yathi: “Angenzelwani umuntu inkosi efuna ukumphakamisa na?” UHamani wacabanga ngaphakathi, wathi: “Ngubani omunye inkosi engafuna ukumphakamisa ngaphandle kwami?” |
Ngokomthetho, kufanele senzeni ngendlovukazi uVashiti, ngoba akazange enze umyalo wenkosi u-Ahashiveroshi esebenzisa izinduna?
UHamani wabalandisa ngenkazimulo yengcebo yakhe, nangobuningi babantwana bakhe, nakho konke inkosi eyamkhulisa ngakho, nokuthi uziphakamisile ngaphezu kwezikhulu nezinceku zenkosi.
UHamani wayesethatha ingubo nehhashi, wembathisa uMoridegayi, wamkhwelisa esigcawini somuzi, wamemeza phambi kwakhe, wathi: Makwenziwe kanje kumuntu inkosi emfunayo.
Izinceku zenkosi zathi kuye: “Bheka, uHamani umi egcekeni.” Yathi inkosi: “Makangene.”
Le ngubo nehhashi makunikezwe esandleni sesinye sezikhulu zenkosi ezihlonipheke kakhulu ukuba zigqokise umuntu inkosi ethanda ukumdumisa ngayo, zimlethe ngehhashi ezitaladini zomuzi, zimemeze phambi kwakhe, Kuyakwenziwa kanjalo kumuntu inkosi ethanda ukumdumisa.
Mabajabule, bajabule, abathanda ukulunga kwami; yebo, mabasho njalonjalo: Makabe mkhulu uJehova othokoza ngokuphumelela kwenceku yakhe.
Ngokuba inzondo yabangenalwazi iyobabulala, nokunetha kweziwula kuyakubabhubhisa.
Ngaphambi kokubhujiswa inhliziyo yomuntu iyazidla, ukuthobeka kwandulela udumo.
Kukhona isizukulwane, yeka ukuphakama kwamehlo aso! nezinkophe zabo zaphakanyiswa.
Bheka, inceku yami engiyisekelayo; abakhethiweyo bami othokoza ngabo umphefumulo wami; ngibekile uMoya wami phezu kwakhe: uyakuletha ukwahlulela kwabezizwe.
Yebo, ngiyakuthokoza ngabo ukuba ngibenzele okuhle, ngibatshale nokutshala kuleli zwe ngayo yonke inhliziyo yami nangawo wonke umphefumulo wami.
Ukuzidla kwenhliziyo yakho kukukhohlisile, wena ohlala emifantwini yedwala, okhaya lakho liphakeme; othi enhliziyweni yakhe: “Ngubani oyakungehlisela phansi na?
Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.
beseza okumemileyo laye, athi kuwe: Khipha lo; bese uqala ukuhlala endaweni ephansi ngokunamahloni.
ukuze bonke bahloniphe iNdodana, njengalokhu bedumisa uYise. Ongayihloniphi iNdodana akamhloniphi uYise oyithumileyo.