Esteri 6:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 UHamani wamtshela uSeresi umkakhe nabo bonke abangane bakhe ngakho konke okumehleleyo. Izazi zakhe noSeresi umkakhe zathi kuye: “Uma uMoridegayi oqale ukuwa phambi kwakhe engowenzalo yabaJuda, awuyikumhlula, kepha uyakuwa nokuwa phambi kwakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UHamani walandisa uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe konke okumehleleyo. Zase zithi kuye izihlakaniphi zakhe noZereshi umkakhe: “Uma uMoridekayi oqale ukuwa phambi kwakhe engowenzalo yabaJuda, awuyikumahlula, kepha uyakuwa nokuwa phambi kwakhe.” IsiZulu 2020 Waxoxela umkakhe nabo bonke abangani bakhe ngento eyayimehlele. Labo bangani bakhe abahlakaniphile nomkakhe, bathi kuye: “Njengoba uMoridekhayi engumJuda, ukuwa kwakho sekuqalile. Ngeke ukwazi ukumelana naye ubuso nobuso, impela uzokuqumba phansi.” |
Kodwa phakathi kwezinsuku ezintathu uFaro uzaphakamisa ikhanda lakho alisuse kuwe, akulengise emthini; izinyoni ziyakudla inyama yakho kuwe.
Kwathi ekuseni umoya wakhe wakhathazeka; wathumela wabiza izanusi zonke zaseGibithe nezihlakaniphi zakhe zonke; uFaro wazilandisa iphupho lakhe; kepha kwakungekho noyedwa ongamchazela uFaro.
Ohamba ngobuqotho uyakusindiswa; kepha omubi ezindleleni zakhe uyakuwa masinyane.
Ngakho inkosi yathukuthela, yathukuthela kakhulu, yasilaya ukuthi kubhujiswe bonke abahlakaniphileyo beBhabhiloni.
Ngubani ohlakaniphileyo, aqonde lezi zinto? ohlakaniphileyo, futhi uyobazi? ngokuba izindlela zikaJehova zilungile, abalungileyo bahamba kuzo; kepha abaphambukayo bayakuwela kukho.
UJehova uyodla ifa lesabelo sikaJuda ezweni elingcwele futhi aphinde akhethe iJerusalema.
Walala, walala phansi njengengonyama nanjengengonyamakazi; ngubani ozamvusa? Ubusisiwe okubusisayo, uqalekisiwe okuqalekisayo.
Wamfumana ezweni eliyihlane nasehlane eliklabalasayo; wamyisa nxazonke, wamyala, wamlondoloza njengenhlamvu yeso lakhe.