Wezwa amazwi amadodana kaLabani, ethi: “UJakobe wathatha konke okwakungokukababa; futhi kulokho okwakungokukababa wathola lonke lolu dumo.
Esteri 5:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 UHamani wabalandisa ngenkazimulo yengcebo yakhe, nangobuningi babantwana bakhe, nakho konke inkosi eyamkhulisa ngakho, nokuthi uziphakamisile ngaphezu kwezikhulu nezinceku zenkosi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UHamani wabalandisa udumo lwengcebo yakhe, nobuningi babantwana bakhe, nakho konke inkosi emkhulisile kukho, nalokho emphakamisile kukho phezu kwezikhulu nezinceku zenkosi. IsiZulu 2020 waqhosha ngomcebo wakhe omkhulu, namadodana amaningi, nezikhundla zonke inkosi embeke kuzo, nokuthi imenze wamkhulu phezu kwezikhulu nabaholi. |
Wezwa amazwi amadodana kaLabani, ethi: “UJakobe wathatha konke okwakungokukababa; futhi kulokho okwakungokukababa wathola lonke lolu dumo.
Lapho ebonisa ingcebo yobukhosi bakhe nodumo lobukhosi bakhe obumangalisayo izinsuku eziningi, izinsuku eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.
Emva kwalokho inkosi u-Ahashiveroshi yamphakamisa uHamani indodana kaHamedatha umAgagi, yamphakamisa, yabeka isihlalo sakhe phezu kwezikhulu zonke ezazinaye.
UMoridegayi wasuka enkosini egqoke izingubo zobukhosi eziluhlaza nokumhlophe, enomqhele omkhulu wegolide, nangengubo yelineni elicolekileyo nokububende; umuzi waseShushani wathokoza, wajabula.
Labo abathembela engcebweni yabo nasenkazimulweni yabo ngobuningi bengcebo yabo;
Akekho kubo ongahlenga umfowabo nhlobo futhi angamniki uNkulunkulu isihlengo ngaye.
Ngiyakukubonga kuze kube phakade, ngokuba ukwenzile lokho; futhi ngizolindela iGama lakho; ngoba kuhle phambi kwabangcwele bakho.
Inkosi yasikhuluma yathi: Leli akusilo iBhabhiloni elikhulu engilakhele indlu yombuso ngamandla ami lodumo lobukhosi bami yini?
Abafundi bamangala ngamazwi akhe. Kodwa uJesu waphinda waphendula, wathi kubo: Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabathemba inotho ukungena embusweni kaNkulunkulu!
Yala abanothileyo kulomhlaba ukuthi bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebweni engaqinisekile, kodwa mabathembele kuNkulunkulu osinika ngokucebile konke ukuba sikujabulele;