UJarede wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisithupha nambili, wazala u-Enoke.
EkaJuda 1:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Naye u-Enoke, owesikhombisa kusukela ku-Adamu, waprofetha ngalaba, wathi: “Bheka, iNkosi iyeza nezinkulungwane eziyishumi zabangcwele bayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Enoke ongowesikhombisa kusukela ku-Adamu waprofetha ngabo, wathi: “Bheka, iNkosi iyakufika nabangcwele bayo abayizigidigidi, IsiZulu 2020 U-Enokhi, owayengowesikhombisa kusukela ku-Adamu, waphrofetha ngalaba, wathi: “Uyabona, iNkosi iyeza nezindimbane zabangcwele bayo, Baasraak Zulu New Testament Bible Naye u-Enoke, owesikhombisa kusukela ku-Adamu, waprofetha ngalaba, wathi: “Bheka, iNkosi iyeza nezinkulungwane eziyishumi zabangcwele bayo. |
UJarede wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisithupha nambili, wazala u-Enoke.
Ngokuba bhekani, uJehova uyaphuma endaweni yakhe ukuze ahambele abakhileyo emhlabeni ngenxa yobubi babo;
Niyobalekela esigodini sezintaba; ngoba isigodi sezintaba siyofinyelela e-Asali, yebo, niyobaleka njengoba nabalekela ukuzamazama komhlaba ezinsukwini zika-Uziya inkosi yakwaJuda, futhi uJehova uNkulunkulu wami uyofika, nabo bonke abangcwele kanye nani.
Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.
Nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo sobukhosi.
Wathi: “UJehova wavela eSinayi, wabavukela evela eSeyiri; wakhanya entabeni yasePharanu, weza nabangcwele abayizinkulungwane eziyishumi; esandleni sakhe sokunene kwaphuma umthetho womlilo kubo.
Ukuze aqinise izinhliziyo zenu zingasoleki ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu kanye nabangcwele bayo bonke.
Kepha nize entabeni yaseSiyoni, nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, naseviyo lezingelosi ezingenakubalwa.
Bheka, uyeza namafu; namehlo onke ayakumbona, nabamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Noma kunjalo Amen.
Ngase ngibona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, nezilwane, namalunga;