EkaJakobe 1:25 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha obheka emthethweni opheleleyo wenkululeko, aqhubeke kuwo, engesiye ozwayo okhohlwayo, kodwa umenzi womsebenzi, lowo uyakuba-busisiwe ekwenzeni kwakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe. IsiZulu 2020 Kepha lowo obukisisa emthethweni opheleleyo, umthetho wenkululeko nohlala kuwo, engesiye nje olizwayo bese ekhohlwa, kodwa engowenzayo umsebenzi, lowo uyakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha obheka emthethweni opheleleyo wenkululeko, aqhubeke kuwo, engesiye ozwayo okhohlwayo, kodwa umenzi womsebenzi, lowo uyakuba-busisiwe ekwenzeni kwakhe. |
Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke, kepha oqondileyo uyaqaphela izindlela zakhe.
Emthethweni nasebufakazini: uma bengakhulumi njengaleli zwi, kungoba akukho ukukhanya kubo.
Kodwa yena wathi: Yebo kodwa kakhulu babusisiwe abalizwayo ilizwi likaNkulunkulu, baligcine.
Kwathi sekuhlakazekile umhlangano, abaningi kubaJuda namaproselite akholwayo balandela oPawulu noBarnaba, okwathi bekhuluma kubo, babancenga ukuba bahlale emuseni kaNkulunkulu.
Babephikelela emfundisweni yabaphostoli, nasekuhlanganyeleni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemithandazweni.
Ngakho-ke sengizuze usizo lukaNkulunkulu, ngimi kuze kube yilolu suku, ngifakaza kwabancane nabakhulu, ngingakhulumi okunye ngaphandle kwalokho abakushilo abaprofethi noMose ukuthi kuyakwenzeka;
Ngakho bheka ububele nobukhali bukaNkulunkulu: ubukhali kulabo abawayo; kodwa kuwe ububele, uma uqhubeka ebuhleni bakhe;
Ngokuba akusibo abezwa umthetho abalungile phambi kukaNkulunkulu, kepha abenza umthetho yibona abayakulungisiswa.
Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe; kodwa namukele uMoya wobuntwana, esimemeza ngaye sithi: Aba, Baba.
Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila kuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nokufa.
Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.
Zihloleni nina ukuthi nisokholweni yini; zibonakaliseni nina. Anazi yini ngokwenu ukuthi uJesu Kristu ukinina, uma ningabakwaliwa na?
futhi ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswa bengazi, abangena ngokunyenya ukuze bahlole ukukhululeka kwethu esilakho kuKristu Jesu, ukuze basenze izigqili;
Ngakho yimani niqinile enkululekweni uKristu asikhulule ngayo, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.
Uma nihlala ekukholweni nisekelwe niqinile, ningasuswa ethembeni levangeli enalizwa, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu; mina Pawulu ngenziwa isikhonzi sakho;
Nokho uyakusindiswa ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuqonda.
Ziqaphele wena nesifundiso; hlala kuzo, ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.
nibhekisise kungabikho osilela umusa kaNkulunkulu; funa kumile impande yokubaba inikhathaze, kungcoliswe abaningi ngayo;
Khulumani kanjalo, nenze kanjalo, njengabazakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko.
njengabakhululekileyo, njalo lingasebenzisi inkululeko yenu njengesigubuzelo sobubi, kodwa njengezinceku zikaNkulunkulu.
Ngakho-ke lokho enakuzwa kusukela ekuqaleni makuhlale kini. Uma lokho enakuzwa kwasekuqaleni kuhlala kini, nani niyohlala eNdodaneni nakuBaba.
Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi kimi: Loba: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela manje. Yebo, usho uMoya, ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; nemisebenzi yabo iyabalandela.
Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, ukuze babe negunya emthini wokuphila, futhi bangene emzini ngamasango.
Uma nimesaba uJehova, nimkhonze, nilalele izwi lakhe, ningahlubuki ezwini likaJehova, nina nenkosi enibusayo niyakulandela uJehova uNkulunkulu wenu.