EkaJakobe 1:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha ocebileyo ngokuthotshiswa kwakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha oyisicebi makazincome ngobuphansi bakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula. IsiZulu 2020 noyisicebi azituse ngokuthotshiswa kwakhe, ngokuba uyakushabalala njengembali yotshani. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha ocebileyo ngokuthotshiswa kwakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula. |
Umuntu, izinsuku zakhe zinjengotshani; njengembali yasendle, uyaqhakaza kanjalo.
Ngempela, wonke umuntu uhamba ngomlayezo oyize; impela bahlukunyezwa ngeze; ubutha ingcebo, akazi ukuthi ngubani oyibuthelayo.
Ilizwi lathi: Memeza. Wathi: “Ngizakuthini? Yonke inyama ingutshani, nakho konke okuhle kwayo kunjengembali yasendle;
Utshani buyabuna, imbali iyabuna, ngokuba uMoya kaJehova uvunguza phezu kwabo; impela abantu bawutshani.
Ngokuba usho kanje oPhezukonke, ohlala phakade, ogama lakhe lingcwele; ngihlala phezulu nasendlini engcwele, ngikanye nabadabukileyo komoya othobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, ngivuselele inhliziyo yabadabukileyo.
Ngokuba zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, futhi zonke lezi zinto zenzekile, kusho uJehova; kepha lo ngiyakumbheka ompofu nobuthakathaka emoyeni, othuthumela ngezwi lami.
Ngakho-ke, uma uNkulunkulu embesa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, futhi kusasa buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?
nabasebenzisa leli zwe, babe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli zwe siyedlula.
Yebo, impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu;
Yala abanothileyo kulomhlaba ukuthi bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebweni engaqinisekile, kodwa mabathembele kuNkulunkulu osinika ngokucebile konke ukuba sikujabulele;
Kalikwazi okuzakwenzeka kusasa. Ngoba iyini impilo yakho? Kungumhwamuko obonakala isikhashana, bese unyamalala.
Ngokuba yonke inyama injengotshani, nenkazimulo yonke yomuntu injengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali yabo iyavuthuluka;
Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo, kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.