Jehova, akakho onjengawe, akakho uNkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.
AmaHubo 97:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba wena Jehova uphakeme phezu komhlaba wonke, uphakeme phezu kwabo bonke onkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba wena Jehova uphezu komhlaba wonke, uphakeme kakhulu phezu kwawonkulunkulu bonke. IsiZulu 2020 ngokuba Wena Simakade ungoPhezu kwawo wonke umhlaba, uphakeme kakhulu, ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu. |
Jehova, akakho onjengawe, akakho uNkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.
Ngokuba ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu nokuthi iNkosi yethu iphezu kwabo bonke onkulunkulu.
Ukuze abantu bazi ukuthi wena, ogama lakho linguJehova wedwa, ungoPhezukonke emhlabeni wonke.
Ngokuba bheka, izitha zakho, Jehova, ngokuba bheka, izitha zakho ziyakubhubha; bonke abenza okubi bayakuhlakazwa.
Ngokuba uJehova unguNkulunkulu omkhulu neNkosi enkulu phezu kwabo bonke onkulunkulu.
Ngokuba mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu; Uyesabeka ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu.
Manje sengiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba endabeni ababezidla ngayo wayephezu kwabo.
UJehova uphakeme; ngoba uhlala phezulu; Wagcwalisa iZiyoni ngobulungisa nokulunga.
Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilayo, neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, nezizwe aziyikuthwala ukufutheka kwakhe.
phezu kwabo bonke ubukhosi, lamandla, lamandla, lobukhosi, lalo lonke ibizo elibizwayo, kungeyisikho kulomhlaba kuphela, kodwa lakulowo ozayo;