AmaHubo 95:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Esandleni sakhe kukhona ukujula komhlaba; namandla ezintaba angawakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Esandleni sakhe kukhona ukujula komhlaba; iziqongo zezintaba ngezakhe nazo. IsiZulu 2020 Esandleni sakhe kukhona izinzulu zomhlaba, neziqongo zezintaba ngezakhe nazo. |
Konke uJehova akuthandayo wakwenza ezulwini nasemhlabeni, olwandle nasezikhukhuleni zonke zezwe.
Wamnika isifiso senhliziyo yakhe, kawusigodlanga isicelo sezindebe zakhe. Sela.
Wena ongenze ngabona izinhlupheko ezinkulu nezibuhlungu, uyakungiphilisa, ungikhuphule ekujuleni komhlaba.
Izintaba zancibilika njengengcina phambi kweNkosi, phambi kweNkosi yomhlaba wonke.
Izintaba ziyoncibilika phansi kwakhe, nezigodi ziqhekezeke, njengengcina phambi komlilo, nanjengamanzi athululelwa endaweni eyehlelayo.
Izintaba ziyathuthumela ngenxa yakhe, namagquma ayancibilika, nomhlabathi uyasha phambi kobuso bakhe, yebo, umhlaba nabo bonke abahlala kuwo.
Izintaba zakubona, zathuthumela; isikhukhula samanzi sadlula; uZamcolo waphakamisa izwi lakhe, waphakamisa izandla zakhe phezulu.
Wema walinganisa umhlaba; izintaba zaphakade zahlakazwa, amagquma aphakade akhothama; izindlela zakhe ziphakade.