Futhi kumelwe ukhulume kuye uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Ingabe ubulele wathatha futhi? Uzakhuluma kuye, uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Endaweni lapho izinja zaxhapha khona igazi likaNabhoti, izinja ziyakukhotha igazi lakho, okungukuthi eyakho.
AmaHubo 94:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Babuthanela umphefumulo wolungileyo, balilahle igazi elingenacala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo; igazi elingenacala bayalilahla. IsiZulu 2020 Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo, balahla umuntu ongenacala ukuba afe. |
Futhi kumelwe ukhulume kuye uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Ingabe ubulele wathatha futhi? Uzakhuluma kuye, uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Endaweni lapho izinja zaxhapha khona igazi likaNabhoti, izinja ziyakukhotha igazi lakho, okungukuthi eyakho.
Bamakhela uzungu, bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova.
Bachitha igazi elingenacala, igazi lamadodana abo nelamadodakazi abo, abawahlabela onkulunkulu abangcolile baseKhanani; izwe langcoliswa ngegazi.
Ngokuba izinja zingihaqile, isixuku sababi singihaqile; babhoboza izandla zami nezinyawo zami.
Ngokuba bheka, baqapha umphefumulo wami; hhayi ngenxa yesiphambeko sami noma ngenxa yesono sami, Jehova.
Deda endabeni yamanga; futhi ungambulali ongenacala nolungileyo, ngoba ngeke ngithethelele omubi.
Kodwa niyazi ngokuqinisekile ukuthi uma ningibulala, ngokuqinisekile niyoletha igazi elingenacala phezu kwenu naphezu kwalo muzi naphezu kwabakhileyo kuwo; ngoba isibili iNkosi ingithumile kini ukukhuluma wonke lamazwi ezindlebeni zakho.
Bamukela izipho kuwe ukuze bachithe igazi; uthathé inzalo nenzuzo, uzuza ngokuhaha komakhelwane bakho ngokubacindezela, wangikhohlwa mina, isho iNkosi uJehova.
Izikhulu zalo phakathi kwawo zinjengezimpisi ezidwengula impango, ukuchitha igazi nokubhubhisa imiphefumulo, ukuze zithole inzuzo yokungathembeki.
Bheka, izikhulu zakwa-Israyeli, yileso naleso sasisesandleni saso ukuchitha igazi.
Khathesi qinisa umthetho, nkosi, usayine umbhalo, ukuze ungaguquki njengomthetho wamaMede lamaPheresiya ongaguqukiyo.
Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu ukuba bambulale;
esithi: Ngonile ngokukhaphela igazi elingelacala. Basebesithi: Kuyini kithi lokho? bheka wena.
Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? bababulala labo ababika ngaphambili ngokufika koLungileyo; eseningabakhapheli nababulali bakhe manje;