Uma ethula, ubani ongabanga inkathazo na? uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? noma kwenziwa esizweni noma kumuntu yedwa;
AmaHubo 94:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 ukuze umphumuze ezinsukwini zosizi kuze kumbiwe umgodi omubi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE wenzela ukuba umphumuze ezinsukwini ezimbi, aze ambelwe umgodi lowo ongenamthetho. IsiZulu 2020 Umenza aphumule ezinsukwini ezimbi, aze ambele umgodi lowo ongenamthetho. |
Uma ethula, ubani ongabanga inkathazo na? uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? noma kwenziwa esizweni noma kumuntu yedwa;
Kepha wena, Nkulunkulu, uyakubahlisela egodini lokubhujiswa; kepha mina ngiyakwethemba wena.
Abezizwe bacwila emgodini ababewenzile; enetheni bacasha, olwabo unyawo lwabanjwa.
Ingabe ububi buyobuyiselwa ngokuhle? ngoba bembele umphefumulo wami umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kwakho ukubakhulumela kahle, ngisuse ulaka lwakho kubo.
Makuzwakale ukukhala ezindlini zabo, lapho uletha iviyo phezu kwabo ngokuzuma; ngoba bemba umgodi wokungibamba, bafihlela inyawo zami imijibila.
Lapho ngizwa lokhu, isisu sami sathuthumela; izindebe zami zathuthumela ngezwi; ukubola kwangena emathanjeni ami, ngaqhaqhazela phakathi kwami, ukuze ngiphumule ngosuku losizi;
INkosi iyakwazi ukukhulula ezilingweni abamesabayo, nokugcinela abangalungile usuku lokwahlulelwa, bajeziswe;
Izizwe zathukuthela, kwasekufika ulaka lwakho, lesikhathi sabafileyo esokwahlulelwa, lokuthi unike umvuzo inceku zakho abaprofethi, labangcwele, lalabo abesaba ibizo lakho, abancinyane. Futhi mkhulu; futhi kufanele abhubhise labo ababhubhisa umhlaba.
Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi kimi: Loba: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela manje. Yebo, usho uMoya, ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; nemisebenzi yabo iyabalandela.